UGogo uncome amaphoyisa nabanye ngokuhlanza umuzi wakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa namavolontiya alethe intokozo ebusweni bukaFuneka Wowo (72) ngokuhlanza umuzi wakhe womxhaso ngemuva kokubika ukuthi ubehlukumezwa abazukulu bakhe. 

UConstable Natalia Jibilikile osebenza esiteshini seSAPS ePhilipp uhlangane nesalukazi ngesikhathi sizobika ukuthi abazukulu bakhe bayasihlukumeza.

“Uvakashele esiteshini samaphoyisa izikhathi ezingaphezu kwesisodwa,” kusho uJibilikile. “Sizamile ukuxazulula udaba lokuthi abazukulu bakhe basebenzisa yonke imali yempesheni ngokumtholela usonhlalakahle.”

UGogo uWowo utshele i-Scrollla.Africa ukuthi uConstable Jibilikile wamtshela ukuthi ngolunye usuku uzofika ezohlanza indlu yakhe yomxhaso enamagumbi amabili.

“Angizange ngikholwe ngoba akekho owake wangenzela okuhle futhi ngiyazi ukuthi amaphoyisa amatasa. Ngishaqekile futhi ngajabula ngesikhathi efika nabanye abantu.”

Wancokola wathi uma sebeqedile ukuhlanza indlu yakhe angeke esayibona.

“Bekubukeka kukusha. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi kukhona abantu abakuthandayo yize bengahlobene nawe.”

Ngemva kokuba uGogo uWowo evakashele esiteshini samaphoyisa, uJibilikile wanquma ukuba umvakashela kanye ngesonto.

“Bengifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uphephile. Ukuzibandakanya kukasonhlalakahle kwabasiza ngoba bamtholela imali ebithathwa abazukulu. Sihamba naye siyothenga ukudla njalo ngenyanga,” kusho uJibilikile. 

Ngesikhathi evakashele uGogo uWowo, uJibilikile ubone ukuthi udinga usizo lokuhlanza indlu yakhe.

UJibilikile uhlele ukuthi lokho kwenzeke ngokunxenxa amanye amaphoyisa ukuba amsize kanye namavolontiya avela emtapweni wolwazi waseBreak Beliefs kanye nabafundi baseChrysalis Academy.

“Angikwazanga ukuziba iqiniso lokuthi indlu yakhe idinga ukuhlanzwa. Ngaphansi kwalo mfaniswano singabantu sinomama nogogo,” kusho uJibilikile osebenzise eyakhe imali ukuthenga yonke impahla yokuhlanza. 

“Sizoqhubeka nokumvakashela sihlanze nendlu yakhe. Abanye abantu engisebenze nabo kulokhu bamlungisele nomshini wakhe wokuwasha owawungasasebenzi,” kusho uJibilikile.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-SAPS asePhilippi East, abasebenzi bomtapho wolwazi, nabafundi base-Chrysalis Academy bahlanze indlu yomxhaso enamagumbi amabili yesalukazi.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva