Philani Mzila
Kubukeka sengathi uGogo uMajubala oyilungu lohlelo lwe-Moja Love ubhekene nesikhathi esinzima.
Waxoshwa kulolu hlelo waphinde walahlwa yisithandwa sakhe abesesithenjini naso kanti manje uboshiwe wachitha ubusuku esitokisini ngenxa yokweba.
UGogo uMajabula, ogama lakhe langempela ngu-Alfie Mahlangabeza, uchithe ubusuku boLwesine ejele ngecala lokweba.
UMahlangabeza ongumfundisi oseshade kabili, kuthiwa ungene egumbini lokugcina izimpahla zomninindlu e-Protea Glen, e-Soweto weba ifenisha nezinto zikagesi.
Ngokusho komnikazi wendawo u-Andile Mbheke, uMahlangabeza untshontshe izingubo zokulala eziyisishiyagalombili kanye nesitofu sakwa-Defy.
UMbheke ube esemvulela icala lokweba esiteshini samaphoyisa e-Protea Glen.
“Ubengincenga ukuthi ngiqashise indlu yami kuyena,” kusho umninindlu.
Uthe wayemethemba uMahlangabeza njengoba ebevela kumabonakude futhi wayecabanga ukuthi indlu yakhe izoba sezandleni ezinhle.
“Ngifuna akhokhele konke akwebile.”
UMbheke uphinde wathi uMahlangabeza umkweleta izi-R8 500 zerenti yezinyanga ezimbili.
“Ngafika ukuzolanda imali yami ngemuva kokuthi ehlulekile ukufaka imali ngoMbasa,” kusho uMbheke.
“Uphinde wangakhokha futhi, njengoba engikweleta eyangoNhlaba futhi.”
UMbheke wengeze ngokuthi wahlola igumbi lokugcina izimpahla wathola ukuthi uMahlangabeza umtshontshele.
“Omakhelwane bangitshele ukuthi nguyena ogqekeze indawo yami yokugcina izimpahla wathengisa izinto zami. Uyisikhohlakali nesigebengu. Ijele yilapho okufanele ahlale khona.”
UMahlangabeza ukuqinisekisile ukuthi ubeboshiwe kodwa waphika ukuthi wagqekeza weba.
“Izigebengu zagqekeza indlu zantshontsha izinto zakhe. Abantu banamanga, banomona ngami,” esho.
Okhulumela i-NPA South Gauteng uPhindile Mjonondwane uthe: “Idokodo lilethwe kuthina kodwa sanqaba ukushushisa ngenxa yobufakazi obunganele.”