UGogo ulume ulimi lomdlwenguli

Uneminyaka engama-65 ubudala futhi uyiqhawe esigodini sangakubo.

Owesilisa kuthiwa uzame ukudlwengula ugogo obesemzini wakhe ngoMgqibelo ebusuku, kodwa ugogo walwa naye.

Ngenkathi umsolwa ezama ukuphushela ulimi emlonyeni wakhe, lona wesifazane onesibindi waliluma!

UColonel Sibongile Soci usiqinisekisile lesi sigameko esenzeke e-Tsomo e-Eastern Cape.

USoci uthe ugogo wayelele yedwa endlini yakhe ngenkathi evuswa ngumuntu owayengena ngefasitela.

“Umsolwa uzame ukudlwengula lona wesifazane nokusolwa ukuthi wazama ukumqabula. Waluma ulimi lwaze lwawela phansi.

“Umsolwa ube esebaleka endaweni yesigameko,” uyasho.

“Amaphoyisa alandelela umsolwa esibhedlela sase-Cofimvaba, nokuyilapho eboshwe khona ngeSonto.

“Ugadwe esibhedlela futhi uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Tsomo maduze ngecala lokuzama ukudlwengula,” uyasho.

Izinhlangano ezilwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane nazo ziphume ngobuningi ukuzokweseka ngokuphelele lona wesifazane.

Isishoshovu samalungelo ezingane, u-Petros Majola wase-Khula Community Development uthe: “Isisulu sibe nesibindi esanele sokulwa nalo mgulugudu. Abesifazane kufanele baphathwe ngesithunzi nangenhlonipho. 

“Ayikho indlela yokuthi sishiye leli qhawekazi lodwa emzabalazweni walo.”

Unxuse zonke ezinye izinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ukuba zihlanganyele nazo ukumeseka.

“Uhlelo lwethu lwezobulungiswa kufanele lubheke ukuthi lona wesifazane wayenezizathu ezizwakalayo zokuluma ulimi lomsolwa. Ubengakwazi ukulinda ukuthi umsolwa amdlwengule kuqala bese elwa ngemuva kwalokho.”

Izihloko zakamuva