UGogo oshaya ngewoza woza

U-Andrea Sunshine (53) odume kwi-OnlyFans onabalandeli abangaphezu kuka-341,000 ku-Instagram uthi indoda izwakala ngendlela ekuqabula ngayo ukuthi iyakwazi yini ukwenza ucansi.

USunshine ozinze e-London uthi uneqhinga elimsizayo ukuze abone ukuthi owesilisa ulungile yini ngaphambi kokuba enze ucansi naye.

“Uma engintshontsha ngokungiqabula nomqabulo wakhe uvutha, noma kanjani sizozwana!” kusho ugogo othandekayo engxoxweni kwi-NudePR.com.

“Uma kuwukuqabulana okungenawo umdlandla, owomile ngolimi olufushane kunginika isikhathi esinzima ukuthi ngizizwe ngifuna ukwenza ucansi futhi angiheheki,” esho.

“Angiyi phambili. Ngibeka izaba ngihambe.”

Ugogo othandekayo uthe akathandi ukuchitha isikhathi nokuphoxeka futhi ngomzimba wakhe osukhulile ubeheha inqwaba yamadoda asemancane.

“Abesilisa abasebancane bathanda izintokazi ezibukeka kahle ezikhulile ngokomqondo ngakho ngihlezi ngifunwa,” usho kanje.

“Zikhona zonke izinhlobo zeminyaka kukhona nabangaphansi kuka-25 kodwa iningi liphakathi kuka-30 no-35.”

Naphezu kodumo lwakhe lomzimba osesimweni esihle, uSunshine ongugogo wezingane ezimbili uyaphikelela ukuthi “akakuthandi ukunakwa” kodwa uyaziqhenya ngomzimba wakhe.

“Akungikhathazi ukubizwa ngogogo,” esho.

“Ngisesimweni esihle kakhulu futhi ngiphila kahle.”

Ngakho-ke, bafethu uma ufuna ukujabulisa ugogo omuhle qiniseka ukuthi uyakwazi okwenzayo.

Kodwa ungazihluphi ngokumnika u-R350,000 ukuze umqabule; uthi kumele kuzenzakalele!

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Ugogo “ohehayo”

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva