UGogo onesifo somfutho wegazi ophezulu akakwazanga ukulinda ukuthi athole umgomo we-Covid

Pontsho Pilani

Abadala abambalwa bangahle bakhethe ukugonywa, kodwa njengoba igagasi lesine le-Covid-19 lisondela, uJoyce Mthimkhulu unethemba lokukhulisa ithemba labantu abadala mayelana nokugoma.

Ugogo oneminyaka engama-52 ubudala usephile nomfutho wegazi ophezulu iminyaka engama-22. Ngenxa yalokhu, wayenovalo lokuthi angathola i-Covid-19 futhi ashone, ikakhulukazi ngemuva kokuthola ukuthi abantu abaphila nesifo esisodwa noma ngaphezulu njengomfutho wegazi ophezulu kanye nesifo sikashukela banamathuba amaningi okuthi bagule kakhulu ngenxa ye-Covid.

“Bengikusaba ngempela ukuthola i-Covid-19 ngoba ngibona ukuthi bangaki abantu ababulawa yiyo, njengoba abanye abantu engibaziyo sebeshonile,” kusho ugogo wase-Soweto.

Ekupheleni kukaNhlangulana kulo nyaka, lokhu ayekusaba kakhulu uMthimkhulu kwenzeka ngesikhathi etheleleka ngaleli gciwane.

“I-Covid-19 inonya. Uhlezi unalowo muzwa wokuthi uzoshona noma ngamuphi umzuzu. Uphila novalo lokuthi ‘kuzokwenzekalani uma ngishona?’ futhi lokhu kungenxa yalokho ekwenza emzimbeni wakho,” echaza.

UMnyango Wezempilo uthi abantu kumele balinde izinsuku ezingama-35 ngemuva kokuhlolwa batholakale betheleleke nge-Covid-19 noma izinsuku ezingama-30 ngemuva kwezimpawu zabo zokugcina ngaphambi kokugonywa.

Kubalulekile ukuthi ugonywe noma ngabe uke watheleleka nge-Covid-19 phambilini ngoba ososayensi abazi ukuthi amasosha omzimba angakuvikela kwi-Covid isikhathi esingakanani ukuthi ungaguli futhi. Impela, abanye abantu sebetheleleke nge-Covid futhi nangemuva kokuthola umgomo, kodwa noma beyithola, ososayensi bayavuma ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi baguliswe kakhulu yiyo.

UMthimkhulu ubeyingxenye yeqembu lokuqala labaneminyaka engaphezu kwengama-50 abathola umjovo we-Pfizer ngesikhathi uhulumeni evula uhlelo lokugoma leli qembu.

“Angikwazi ukukutshela ukuthi ngakhululeka kanjani ngesikhathi ngijovwa ingalo kulelo tende lakwa-Dischem enxanxatheleni yezitolo eJabulani.”

Ucwaningo lomtholampilo lubonisa ukuthi umuthi wokugomela i-Covid uqala ukukuvikela emasontweni amabili ngemuva komthamo wakho wesibili. Umgomo uvikela ezifweni ezimbi kakhulu nokushona kwabantu abanempilo, futhi uma utheleleka, umgomo unciphisa inani legciwane elenziwa umzimba wakho.

UMthimkhulu uthi abangani bakhe abaningi basesontweni bagoma ngemuva kokubona ukuthi naye ugomile. Ungumholi webandla futhi uthe amabandla amaningi abukela kuyena.

*Akulona igama lakhe langempela.

Izingxoxo ze-Covid-19 zilethwa kuwe yi-African Alliance ngokubambisana noMkhandlu Wocwaningo Lwezokwelapha waseNingizimu Afrika kanye noMnyango Wezesayensi Nokusungula. Imibuzo ungayithumela [email protected]

Izihloko zakamuva