Ugogo oneminyaka engu-107 umagange ngokuvota 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ugogo Paulina Mahlangu, oneminyaka engu-107 ulinde usuku lonke ngoMsombuluko ukuze afake ivoti lakhe elikhethekile. Kodwa kuthe sekuntambama, akukho nesisodwa isikhulu se-Independent Electoral Commission (IEC) esifike emnyango wakhe.

Lo ohola impesheni waKwa-Thema e-Kurhuleni uvuke ekuseni kakhulu kunokujwayelekile wagcizelela ukuthi indodakazi yakhe uSesi Mashiane emnakekelayo ukuba imlungiselele usuku olukhulu.

Ntambama ubesalindile egqoke ingubo yakhe kanokusho, enqaba ngisho ukuthatha isihlwathi sakhe sasemini ukuze agweme ukuphuthelwa yithuba lakhe lokuvota. 

Ugogo Mahlangu ungomunye wabavoti abakhethekile abangu-624,593 okuhloswe ukuthi bavakashelwe izikhulu zokhetho eziqeqeshiwe emakhaya noma ezindaweni abahlala kuzo ukuze bavote ngomhlaka-27 kanye no-28 kuNhlaba.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uMahlangu uthe ukhetho lubaluleke kakhulu kuyena njengoba lwasiza izwe ukulwa nohlelo lobandlululo.

“Sahlukunyezwa. Ngisakhala namanje uma ngicabanga ngaleso sikhathi empilweni yethu.  Silwe kanzima saze sithole intando yeningi, futhi kufanele siqhubeke siyivikele ngokuvota, njengoba ivoti ngalinye libalulekile.

“Ngiyazi ukuthi bazofika. Bangitshela ukuthi asikho isidingo sokuthi ngiye esiteshini sokuvota njengoba bezofika bezothatha ivoti lami. Uma bengezi ngizohamba,” kusho yena.

Owayeyilungu le-ANC elikhuthele, uthe ivoti lakhe aliyona imfihlo: uzovotela i-ANC.

“Ngizovotela uMandela noRamaphosa. Abaholi bethu labo, futhi ngizobavotela ngize ngife,” kusho yena.

Ugqugquzele abantu abasha ukuthi baphume ngobuningi babo bayovota njengoba benza ngo-1994.

Isikhulu sakwa-IEC sithe nakuba bazi ngoMahlangu, igama lakhe aliveli ohlwini lwabavoti ababhalisele ukuvota ezindlini zabo.

“Sizomlanda kusasa ukuze [simuyise] esiteshini sokuvota lapho ebhalisele ukuvota khona,” kusho lesi sikhulu.

Osesithombeni ngenhla: UGogo Paulina Mahlangu.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva