Ugogo novalo lokumbozwa indlu yakhe ephila 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Ngesonto eledlule i-Scrolla.Africa sibike ngodaba lwesigodi sase-Eastern Cape esigubuzelwe wuthuli lwenkwali eseduze. Kuleli sonto intatheli yethu uSongeziwe Mapukata ihlangane nabantu abathathu okuthikamezeke impilo yabo ngenxa yokungaphumeleli kwalolu hlelo.

Esigodini esibizwa ngeMdlankomo e-Libode, e-Eastern Cape umphakathi ukhungethwe inkinga yokugubuzelwa intuthu eyingozi yohlelo oluhlulekile ukuguqula impilo yawo.

Izindlu ezicekeleke phansi, ukulahlekelwa imfuyo, ukushona kwabantu ngendlela engaqondakali kanye nempilo ebuthaka kuyizinto ezivamile.

Le ntuthu ibangelwa ukuqhuma kwenkwali endaweni yangakubo.

Elinye ilungu lomphakathi ugogo uNobelungu Mtshakaza (68) wesabela ukuthi umuzi wakhe uzobhidlika ngelinye ilanga avaleleke ngaphansi kwawo.

“Engikwesaba kakhulu akuzona izigebengu ezingangihlasela ngingedwa, empeleni ngisaba indlu yami ezobhidlika ngelinye ilanga ngingedwa ngenxa yokuqhuma kwenkwali,” kusho uMtshakaza.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa esendlini yakhe ebibonakala iqhekekile, uMtshakaza uthi impilo ayikaze ifane ngemuva kokuthi kuqale uhlelo lokumba inkwali ngo-2014.

Indlu yakhe iqhele kancane kule ndawo okumbiwa kuyo inkwali.

Uphila nesifo samathambo esimshiye ekhubazekile, futhi ngenxa yalokhu ukholelwa ukuthi ngeke akwazi ukusindisa impilo yakhe ngelinye ilanga uma indlu yakhe iwa njengoba kuqhunyiswa inkwali.

Uhamba ngezinduku eziphukile ngoba akakwazi ukuthenga ezintsha. Usehlale yedwa iminyaka eminingi njengoba abazukulu bakhe befunda eGoli.

“Njalo uma kuqhunyiswa inkwali izindonga ziyaqhekeka futhi indlu yonke igcwala intuthu ewushevu, enuka kabi nenambitheka njengophethiloli. Kufanele njalo ngilale embhedeni wami ngizimboze ngamashidi ukuze ngingahogeli intuthu,” esho.

“Kuba nzima nakakhulu njengoba amanzi asethangini ehlezi ebonakala enensalela efana nowoyela phezulu izinsuku ezimbalwa ngemuva kokuqhunyiswa kwenkwali kanti kufanele ngilinde isikhashana ngaphambi kokuthi ngiwaphuze.  Kuyangiphoqa ukuthi ngiwaphuze ngoba ayikho enye into engingayenza,” engeza.

UMtshakaza uthembele kumakhelwane wakhe ukuthi amkhelele amanzi ethangini ukuze aphuze kanti uphinde amsize ngokumboza umakhalekhukhwini wakhe ongasebenzi ngoba indlu yakhe iyavuza. Lokhu kuba kubi kakhulu uma kuna imvula enamandla.

Uthe akanankinga nokuthuthelwa kwenye indawo kodwa inselelo eyodwa anayo ukuthi ithuna lendodakazi yakhe likule ndawo futhi akacabangi ukuthi angalishiya.

Ngesonto eledlule i-Scrolla.Africa sikhulume noKhwezi Siwahla we-Khwezi Quarry othe le nkampani ayenzi lutho olubi.

Esithombeni esingenhla: Ugogo uNobelungu Mtshakaza

Umthombo wesithombe: Songeziwe Mapukata

Izihloko zakamuva