Ugogo (99) ubuyele esikoleni

Dylan Bettencourt

Ugogo wase-Kenya ubuyele esikoleni samabanga aphansi eneminyaka engu-99 ukuze aqale uhambo lwakhe lokuba udokotela.

Ekilasini elisemaphandleni e-Rift Valley e-Kenya, uPriscilla Sitienei ubehleli eduze kwabanye abafundi, bonke abashayi  ngeminyaka engaphezu kwengu-80.

“Ngingathanda ukuba ngudokotela ngoba bengiwumbelethisi,” kuchaza uSitienei etshela i-Reuters.

Ngesikhathi uGogo oneminyaka engu-99, eya ekilasini egqoke umfaniswano wesikole ompunga, uthe uthathe isinqumo sokubuyela esikoleni ukuze abe isibonelo esihle kwisizukulwane sakhe.

Samsung Galaxy 14G

Kuyimanje le ntombi endala yenza unyaka wesithupha esikoleni samabanga aphansi, selokhu yaqala ngo-2015, kanti waba nombono wokubuyela esikoleni ngesikhathi umzukulu wayo ephuma esikoleni ngemuva kokukhulelwa.

“Ngambuza ngokuncokola ukuthi unayo yini imali esele esikoleni wathi yebo, ngamtshela ukuthi ngizoyisebenzisa ukuze ngiqale esikoleni,” kwengeza uSitienei.

Ubenethemba lokuthi leli hlaya lizovele likhuthaze umzukulu wakhe ukuthi abuyele esikoleni kodwa ngesikhathi lokho kungaphumeleli wabuyela yena esikoleni.

USitienei uthe ukuba sesikoleni nesinye isizukulwane sakhe nokuhlanganyela nabo emakilasini okufundiswa nangokuzivocovoca kumlethela injabulo enkulu.

“Kungigcina ngiphilile. Ngithola ukugxuma nxazonke, nakuba ngingenzi njengoba, kodwa okungenani nginyakazisa umzimba wami. Lokho kuyinjabulo kimi,” usho kanje.

USitienei wengeze ngokuthi wonke amalungu omndeni wakhe aseseka isinqumo sakhe sokubuyela esikoleni kule minyaka yakhe.

Kusukela ngo-2003, uhulumeni wase-Kenya uye waxhasa imfundo yamabanga aphansi, evumela ukuthi izalukazi eziphuthelwe yimfundo zinikezwe ithuba lokwenza lokho.

Lo mthetho uvele wagqugquzela idlanzana lezaguga ukuthi lidume ngesikhathi lithatha isinqumo sokubuyela esikoleni. Kodwa omdala futhi odume kakhulu kwezinye izalukazi nguSitienei, indaba yakhe isize yaba ugqozi lokuthi kukhishwe ifilimu entsha.

IGogo yifilimu esekelwe ohambweni lukaSitienei futhi owayeneminyaka engu-98 ubudala ngaleso sikhathi waze wakwazi nokuthatha ikhefu esikoleni ukuze aye e-Paris ukuyobona umdlalo wokuqala omayelana naye.

Ifilimu izokhonjiswa e-New York kulo nyaka, kanti kulindeleke ukuthi uSitienei abekhona.

Umthombo wesithombe: @Nicholesobecki

Scrolla World Cup Quiz