Zukile Majova
Inhloko yamaJaji kuleli uRaymond Zondo iphakamise ukuthi kuphenywe owayenguNgqongqoshe weZimali uMalusi Gigaba ngamacala enkohlakalo.
UZondo udlulisele umbiko wakhe kuMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesibili.
Emakhasini ombiko wokulawulwa kombuso, igama likaGigaba belivela njalo ekulawuleni zombili izinkampani zikahulumeni, i-Transnet ne-Denel.
UZondo uphethe ngokuthi uGigaba kumele aphenywe ngobugebengu bokuthola intshontsho ezinkampanini azisiza ngesikhathi bekhwabanisa kwa-Transnet.
UGigaba ungene esikhundleni sikaBarbara Hogan njengoNgqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni NGO-2020.
Lo mbiko uchaza uGigaba njengomuntu obambisene nenkampani yakwaGupta ejwayele ukuxhumana njalo namalungu omndeni wakwaGupta.”
UNgqongqoshe omusha usungule kabusha ibhodi lwakwa-Transnet okuholele ekuqokweni kukaBrian Molefe njenge-GCEO, owaphenduka isithunywa sabakwaGupta esasivakashele emphandwini wabo e-Saxonwold.
Umnyombo walo mbiko ukukhishwa kwethenda yakwa-Transnet ka-R2.5 billion enkampanini yabakwaGupta i-T-Systems. Isivumelwano senziwe ngemuva kokufakwa kwezicelo zalo msebenzi.
Okunye okubhekiwe isivumelwano sakwa-Transnet semali engu-R50 billion lapho abakwaGupta bahlomule khona ngezitimela ezingaphezu kuka-R5 billion.
UZondo uthe abashayeli bakaMolefe noGigaba baveze ukuthi babeya kangakanani emzini wabakwaGupta nokuthi bavame ukuhamba kanjani nezikhwama ezigcwele imali.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe esitatimendeni: “Ukunikezelwa kwengxenye yesibili yombiko wekhomishini yophenyo kungelinye igxathu elibalulekile eliya phambili emsebenzini okumele siwenzile ukuqeda inkohlakalo ezweni Lethu.
“Manje kufanele sisebenzise amandla ethu kumbiko wekhomishini futhi sithathe izinyathelo ezidingekayo zokuqinisekisa ukuthi asiphinde sibhekane nalokhu kuhlaselwa kwezinsiza zomphakathi.”
Ingxenye yesithathu neyokugcina yemibiko yokulawulwa kombuso izonikezwa uRamaphosa ekupheleni kukaNhlolanja.