UGigaba ukhala ngowayengunkosikazi uthi usenga ezimithiyo

Lungani Zungu

UNomachule Mngoma wayenamanga, kusho lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba, etshela ikhomishini ebhekelele ukusebenza kombuso ngoMsombuluko. Uthe akulona iqiniso, njengoba kusho uMngoma, ukuthi uhlala ehamba nezikhwama ezinezizumbulu zemali.

Ebonakala ukuthi uthukuthele, uGigaba usole uMngoma ngokufaka umndeni wakhe ezindabeni zabo zesehlukaniso.

UGigaba ukuphikile ukuthi wake wayithola imali evela emndenini wakwaGupta, abasolwa ngokuba ngongqondongqondo ekulawulweni kombuso ngesikhathi kusaphethe lowo owayenguMengameli uJacob Zuma.

UMngoma uthe babejwayele ukuba nesidlo sasemini e-Sandton, kwathi ngemuva kwalokho uGigaba wayethole imali ngezikhwama ezivela emndenini wakwaGupta ekhaya lakwaGupta e-Saxonwold.

Kodwa uGigaba wazichitha izimangalo zikaMngoma. Uthe leso sikhwama sasiphethe izinto ezinjengama-sanitiser, into yokugcoba izandla kanye nomakhalekhukhwini.

“Isikhwama sami semali asikwazi nokufaka imali eyizi-R10,000,” esho.

“Kunesisusa esingesihle sokungiveza ngendlela ethile.”

Usole uMngoma ngokuqamba ubufakazi bokumhlaza futhi ubenze ngokucophelela ukuze angathinteki kubo.

UGigaba uthe kwesinye isikhathi wayehamba ephethe imali.

“Ngangingungqongqoshe ngihola imali, kwesinye isikhathi ngangiphatha imali ngasizathu esithile, kubandakanya nokukhokhela amathikithi okupaka.”

UGigaba uthe uMngoma uqeqeshelwe ukwethula ubufakazi bakhe ngendlela egculisayo.

“Abanye abantu bazimisele ukungicekela phansi kwezepolitiki futhi usebenzisana nabo ukuze athole umvuzo wezezimali,” kusho uGigaba.

UGigaba noMngoma babopha ifindo likasofasilahlane ngowezi-2014 emcimbini wobukhazikhazi womshado.

Kodwa ubudlelwano babo obebukhula kahle sebusenkingeni. Lezi zithandani zenze isehlukaniso esishubile nesisesidlangalaleni.

Izihloko zakamuva