Ugcwele injabulo umndeni onezingane ezaxoshwa esikoleni ngoba zingenawo umfaniswano wesikole

Everson Luhanga

Kube isiphetho esijabulisayo emndenini wakwaLinda e-Alexandra, eGoli, ngemuva kokuba indodana yawo eneminyaka engu-14 ubudala inqatshelwe ukungena emagcekeni esikole ngenyanga edlule ngoba yayigqoke izicathulo ezidabukile.

Umfana osemncane, uKarabo Linda, wayengenazo izicathulo zesikole ngenxa yokuthi unina wayengenayo imali yokuthengela yena noma ezinye izingane eziyisikhombisa azinakekelayo umfaniswano wesikole omusha.

NgoMgqibelo uBertram Klisser oneminyaka engu-90 ubudala, owafunda le ndaba, uvakashele umndeni futhi wathembisa ukuthi uzobenza umndeni wakhe.

Ukhiphe imiyalelo yokuthi abanye abantu balandele ezinyathelweni zakhe basize umndeni lapho bengakwazi khona.

UBertram, ohlala e-Waverly, uthe indaba yomndeni wakwaLinda yamthinta kakhulu. 

“Angikwazanga ukuzibamba kudilika izinyembezi,” etshela i-Scrolla.Africa.

“UKarabo wayezimisele kakhulu ukuya esikoleni kodwa isimo sakhe senhlalo samenza wanqatshelwa ukungena ngosuku lwakhe lokuqala esikoleni samabanga aphezulu.”

NgoMgqibelo, uBertram uqale uhambo lwakhe lokusiza umndeni ngokuya ezitolo nomama kaKarabo futhi athengele umndeni umfaniswano namaphasela okudla.

Umndeni wakwaLinda unemibhede emithathu ephukile endlini. Amanye amalungu omndeni alala phansi.

Ngemuva kokubona isimo sokuhlala endlini, lapho kuhlala khona abantu abangu-18 emakamelweni amabili, uBertram uqashe umuntu ukuze azobakhela eminye imibhede.

UBertram, ongusomabhizinisi osewathatha umhlalaphansi, uthe yena nomama kaKarabo, uMinah Linda, sebeqalile ukwenza izinhlelo zokuthi uMinah aqale ibhizinisi lakhe.

Uma lisimama, uzoba nezindlela zokondla umndeni wakhe, kanti namanye amalungu asizwa uBertram ukuze awafunise imisebenzi.

“Ngikhuluma nalabo ebengisebenza nabo ebhizinisini ukusiza amalungu omndeni angasebenzi ukuthi athole imisebenzi,” kusho uBertram.

UKarabo osemncane unezakhe izifiso. Uma esekhulile, ufisa ukuba ummeli kanye nomdlali wegalofu okhokhelwayo. 

Ubengumdlali wegalofu okhuthele kusukela eneminyaka eyisishiyagalolunye.

UBertram uthe: “ngingathanda ukubona  uKarabo edlala enkundleni yegalofu futhi uma ngigculiseka ngizokhokhela umqeqeshi oqeqeshiwe ozomqeqesha.

Ngizimisele ukuxhasa uhambo lwakhe lokuya kunoma iyiphi ingxenye yomhlaba uma eya kwamanye amazwe ukuyodlala igalofu.”

Izihloko zakamuva