Ugcine engcwatshiwe uFraser

Celani Sikhakhane

UDeborah Fraser ugcine engcwatshiwe ngemuva kokuthi umngcwabo wakhe uhlehliswe ngoMgqibelo.

Umndeni walesi sihlabani somculo wokholo uphoqeleke ukuthi ubuyisele isidumbu sakhe emakhazeni ngemuva kokungakwazi ukufika emathuneni aseLalakahle ngenxa yemvula enamandla nodaka.

Inkonzo yomngcwabo ebise-Station Greenwich Venue Hall, eThekwini, ibihanjelwe ngosaziwayo abaningi okubalwa kubo abaculi nabalingisi.

UFraser (56), udlule emhlabeni ngesonto eledlule esibhedlela iChris Hani Baragwanath ngemuva kokugula isikhashana.

NgoLwesibili abangani nomndeni babe nenkonzo emfushane. Uyiswe emathuneni aseLalakahle e-Hillcrest lapho afihlwe khona.

Kule nkonzo emfushane uhulumeni waKwaZulu-Natal ngomlomo kaMbhishobhi Vusi Dube obephethe inkonzo uxolisile emndenini ngokuthi uFraser akahlonishwanga ngomngcwabo omfanele.

UDube uphinde waduduza umndeni ngokubhekana nesigameko esingajwayelekile sokuthi kube nenkonzo yomngcwabo kabili.

“UDeborah Fraser usebenze kanzima endimeni yomculo eqeqesha abaculi abasebancane waphinde wagqama kulo mkhakha. Njengesifundazwe saKwaZulu-Natal siyaxolisa ngokungamenzeli umngcwabo osezingeni elimfanele,” kusho uDube onguSihlalo wekomiti lamaCiko namaSiko kwisiShayamthetho saseKZN.

Imvula isikhahlameze abantu abaningi eKZN kanti nengqalasizinda isiphinde yalimala kakhulu. Kubikwa ukuthi kushone oyedwa ezikhukhuleni zangempelasonto.

Izihloko zakamuva