Ugcine engafihlwanga uFraser ithuna ligcwala amanzi

Celani Sikhakhane

Umngcwabo wesihlabani somculo wokholo uDeborah Fraser kuphoqeleke ukuthi uhlehliswe ngesikhathi ithuna lakhe limbozwa yizikhukhula kulandela imvula enamandla ehlasele KwaZulu-Natal.

Imvula iqale ngesikhathi inkonzo yomngcwabo ebiseThekwini ngoMgqibelo isaqhubeka. Kodwa ngesikhathi isidumbu sesizoyiswa emathuneni aseLalakahle e-Hillcrest kumenyezelwe ukuthi kumele sibuyiselwe emakhazeni. Ithuna likaFraser seligcwele amanzi.

Iningi losaziwayo baseThekwini nosomabhizinisi abaphezulu okubalwa nosopolitiki bangcwatshwa emathuneni aseLalakahle. Phakathi kwabo kukhona isihlabani somculo wokholo esingasekho uSfiso Ncwane.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi osaziwayo abaningi abebehambele umngcwabo kaFraser, okuhlanganisa noYvonne Chaka Chaka, kudingeke ukuthi bahambe ngemuva kwenkonzo.

Okhulumela umndeni uNontando Mafisa uthe ngeke baphawule.

“Umndeni awukasinikezi igunya lokuphawula ngalolu daba ngakho ngeke ngikwazi ukunisiza,” usho kanje.

UFraser ushone ngesonto eledlule ngemuva kokugula isikhashana. Ubengomunye wabaculi bomculo wokholo abanamandla kakhulu eNingizimu Afrika.

UFraser usebenze nezihlabani eziningi endimeni yomculo okubalwa kuzo uDkt Rebecca Malope, uBrenda Fassie ongasekho, uVuyo Mokoena naye ongasekho kanye neSoul brothers.

Umthombo wesithombe: @TheWitness

Izihloko zakamuva