Ugcine elitholile usizo owesilisa obevaleleke kwi-ATM 

Owesilisa wase-Texas uzithole isesimeni esingesihle noma mhlawumbe uthole inhlanhla yokubambeka emshinini we-ATM.

Ngemuva kokuzama isikhathi eside, owesilisa waseMelika engalutholi usizo ubone sekuyisikhathi sokuthi azame ezinye izindlela ezizomsiza ukuphuma emshini wemali wazama ukushutheka iphepha elibhalwe ngesandla ecela usizo.

Ubhale incwadi ebifundeka kanje: “Ngicela ungisize, ngivalelekile lapha futhi angiwuphethe umakhalekhukhwini.” Ucele ukuthi umuntu ongaphandle ashayele inombolo ethile.

Ngemuva kokukhululwa kwakhe, lo mlisa uchazile ukuthi ubelungisa umshini ngesikhathi evaleleka ngaphakathi kanti zonke nezinto zakhe bezisemotweni yakhe, kubika i-CNET.

Kodwa abenakho yipeni nephepha lokubhala kanti ukwazile ukulishutheka engxenyeni yamarisidi e-ATM.

Ngenkathi abanye abantu bedlula futhi becabanga ukuthi lelo ihlaya elihlekisayo, isakhamuzi esisodwa esikhathazekile sibize amaphoyisa.

Amaphoyisa nawo acabange ukuthi lo umdlalo, ngokuhamba kwesikhathi anquma ukuphenya ngalolu daba.

Uma bebheka ku-ATM babonile ukuthi kukhona okungahambi kahle, base bekhahlela isicabha.

Babona ukuthi bekungelona ihlaya njengoba befice owesilisa obevaleleke ngaphakathi.

Omunye umuntu angabona sengathi leli ihlaya, kodwa ubevaleleke ngempela kuleyo ATM.

Akukacaci ukuthi amaphoyisa awahlolile yini amaphakethe ngesikhathi emsiza.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: I-ATM

Izihloko zakamuva