Lubhalwe nguMichael Madyira
Emasontweni amabili nje eqalile ukusebenza njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko eNingizimu Afrika, uGayton McKenzie uyekile ukuxhasa ngezimali uhambo lwabalandeli abakhulu (superfans) abaseka amaqembu ezemidlalo kuleli nasemazweni angaphandle.
UMcKenzie umemezele ezinkundleni zokuxhumana: “Sengilumise lonke uxhaso lwabalandeli abakhulu. Sinabasubathi namaciko abadonsa kanzima ekuqongeleleni imali yokuhambela imicimbi yezemidlalo nemibukiso.
“Sizithethelela kanjani ngokukhokhela abalandeli? Ngeke sisabakhokhela kuhambo futhi sizosebenzisa leyo mali lapho idingeka khona kakhulu.”
Lesi sinqumo sithinta abalandeli abadumile abafana noMama Joy, uBotha Msila, uSadaam Maake, noMasilo Machaka abeseka imidlalo eyahlukene njengeyebhola, umbhoxo, ikhilikithi, isibhakela ne-netball.
ISouth African National Supporters Union (Senasu), ehlonishwa yiSouth African Football Association, ayineme ngesinqumo sikaMcKenzie futhi ifuna umhlangano naye.
UMengameli weSenasu uMaake uthe, “Manje sesinoNgqongqoshe ongakaze ahlangane nabalandeli ukuze abamukele. UNgqongqoshe kumele axhumane neSenasu noma asimemele ehhovisi lakhe asitshele ngezinhlelo zakhe ngabalandeli.
“Umyalezo wakhe ngiwubonile ezinkundleni zokuxhumana, akaze ahlangane nathi. Njengabalandeli, simlindile. Sifuna asitshele ukuthi ushintsha lokhu nalokhu futhi akumele akubhale ezinkundleni zokuxhumana.”
Isinqumo sikaMcKenzie siza ngemuva kokuthi kusetshenziswe u-R1.3-million wemali yabakhokhi bentela ngonyaka odlule ukuxhasa uMama Joy noMsila eNdebeni yoMhlaba yebhola lombhoxo ngo-2023 e-France.
Isithombe esingenhla: Umlandeli omkhulu waseNingizimu Afrika uMama Joy.
Umthombo: Mama Joy Chauke