Lubhalwe nguMichael Madyira
- UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie ufuna abaphenyi babheke ukuthi iSafa iyisebenzisa kanjani imali yayo.
- Lokhu kuza ngemuva kokuthi uhulumeni kudingeke ukuthi anikeze iSafa u-R5-million ukuze kukhokhelwe abadlali beBafana nabeBanyana.
UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie ufuna ongoti baphenye ngezimali zenhlangano yebhola lezinyawo kuzwelonke.
UMcKenzie ufuna ukuhlola ukuthi iSouth African Football Association (Safa) iyisebenzisa kanjani imali yayo.
Uhulumeni usanda kutakula iSafa ngokubanika u-R5-million ngaphambi kwesibonelelo sabo saminyaka yonke ngoba behluleka ukukhokhela abadlali beqembu lesizwe.
ISafa ivele isenkingeni ngezinsolo zokulahleka kwemali njengoba umengameli wayo uDanny Jordaan ebhekene namacala okukhwabanisa nokweba.
“Okungenze ngangena kuSafa manje ukuthi bangicele imali,” kusho uMcKenzie etshela iSABC Sport.
“Uma usuthatha imali yami njengongqongqoshe, uma sengikusayinele imali emalini kahulumeni, emalini yomphakathi, sinelungelo lokusho okuthile.”
UMcKenzie uyazi ukuthi kufanele angagxambukeli kakhulu kuSafa ngoba lokhu kungase kucasule iFifa, okuyinhlangano yebhola emhlabeni.
“Ngakho-ke uma iFifa ingangibuza ngingathi, cha bo, sikhuluma ngemali esabanikeza yona, kwenzakalani ngaleyo mali? Manje-ke singalwenza uphenyo, sizokwenza uphenyo lwe-forensic mina ‘angicabangi ukuthi iFifa izocasuka,” esho.
Inhlangano elawula ibhola emhlabeni ayikuvumeli ukugxambukela kukahulumeni ekuphathweni kwezemidlalo.
Ungqongqoshe uqhathanise iSafa nezinye izinhlaka zezemidlalo, eveza ukuthi abadlali bekhilikithi nabebhola lombhoxo bahlale behola ngesikhathi.
“Abadlali bekhilikithi abayisebenzeli imali yabo? Iqembu lekhilikithi lakuleli linemali engu-R800-million ebhange. Kwenzeka kanjani ukuthi iSafa ihlulwe ukukhokha u-R4.9-million? Ukube nginawo amandla okubaxosha bengizobaxoshwa kodwa-ke anginawo lawo mandla.”
Lezi zinkinga zemali zivele njengoba iBafana Bafana neBanyana Banyana sebengene emiqhudelwaneni emikhulu e-Afrika.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko waseNingizimu Afrika uGayton McKenzie.
Umthombo Wesithombe : Gayton McKenzie