Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Lusematheni udaba lukaWandi noXoli, kanti uWandi useveze ukuthi ufuna u-R200,000 ngevidiyo engcolile abayenze ndawonye yafakwa uXoli endaweni okufakwa kuyo amavidiyo ocansi ngaphandle kwemvume yakhe.
Sekuqubuke inzondo phakathi kwalaba bobabili.
Bangobani futhi kungani kufanele sibakhathalele? UXolisile Mfeka (30) noWandi Ndlovu (21) bayizihlabani ezimbili abadlala ohlelweni lwangempela lwe-Showmax olubizwa ngokuthi i-This Body Works For Me, oluhlanganisa abesifazane abadayisa ngomzimba abayisikhombisa kanye nabadidiyeli.
UXoli, uWandi, uNelly, uSamke, uGina noPrimadonna basebenza embonini yokuzijabulisa yabantu abadala. Owesikhombisa nguBubbly, owayengumdansi wangaphandle nofisa ukuba usomabhizinisi.
Ividiyo ikhulise ukubukwa okungaphezu kuka-950k ku-akhawunti ka-Xoli’s OnlyFans. Kodwa manje uWandi ufuna ingxenye yemali ngoba uXoli wehlulekile ukumnxephezela ngomsebenzi awenzile.
UXoli usenikezwe izinsuku eziyishumi ukuthi akhokhe noma ithimba labammeli bakaWandi lizomyisa enkantolo.
Le ngxabano akufanele isimangaze.
UWandi usanda kungena ku-Instagram-bukhoma ekhuluma ngendlela uXoli nethimba lakhe labadidiyeli abamhlukumeza ngayo mayelana nokubukeka kwakhe.
“Ithimba labaphathi bakaXoli liyangihlukumeza,” kubhoka uWandi. “Ngiyazi anginalo ikhala elihle futhi ngikhuluphele, kodwa akumele ahlekise ngami ikakhulukazi njengoba engumngani wami.”
Uqhube wathi, “Bengizoqonda ukuthi uXoli unguMihlale noma uFaith Nkesi, kodwa akunjalo futhi abantu bathi mubi kunathi sonke.’’
Ukwengeza inhlamba, uNoluvuya “Bubbly” Sondela, ongomunye wabalingisi uhlebele uXoli ngodadewabo omncane kaWandi owakhulelwa. Ngokusobala lokho kungenxa yokuthi ugqame ngemigilingwane yocansi.
Futhi umndeni wakhe usola uWandi ngezindlela zikadadewabo omncane.
Kukhona okwengeziwe. Ohlelweni i-Reunion Show esakazwa ngoLwesithathu izinto zike zishube kwesinye isikhathi kudingeke ukuthi kubizwe ezokuphepha ukuze kuhlukaniswe uReflilwe “Gina” Molwantwa noPrudence “Primadonna” Matswetu.
Uma kuphela isizini yokuqala ye-Body Works For Me, izinto zizovutha bhe kwisizini yesibili.
Isithombe esingenhla: isithombe sohlelo i-This Body Works For Me
Umthombo wesithombe: Showmax