Linda Ximba
Umdlali waseNingizimu Afrika, u-Azinga Fuzile, usegunyazwe ukuthi alwele ibhande le-IBF junior lightweight ebhekene nesihlabani sase-Japan, uKenichi Ogawa.
Impi izoba se-Madison Square Garden e-New York mhla zingama-27 kuLwezi.
UFuzile oneminyaka engama-25 wase-Duncan Village e-Eastern Cape, uzoqhudelana empini enkulu yokweseka isicoco se-IBF, i-WBA Super ne-WBO lightweight nomdlali waseMelika uTeofimo Lopez noGeorge Kambosos Junior wase-Australia.
UFuzile uhleli endaweni yesibili emhlabeni, endaweni engaphezu kuka-Ogawa oneminyaka engama-33 ubudala, ongakaze ahlulwe eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule.
Imenenja kaFuzile eyawina indondo, uCollin Nathan usebenzisana eduze ne-Rumble Africa Promotion (i-RAP), eyasiza uFuzile ukuba angenele impi yakhe yokulwa ebhekene noMartin Ward waseNgilandi e-Las Vegas ngoNhlaba.
UFuzile wayinqoba ngomzuliswano wesikhombisa.
“Leli ithuba elihle ku-Azinga. Ngokungangabazeki uzokwenza iNingizimu Afrika iziqhenye,” kusho uNathan ngokuzethemba.
UFuzile uzoya empini ka-Ogawa esemise izimbangi zakhe eziyisishiyagalolunye kwabayi-15 zokugcina ehlulwa u-Shavkhat Rakhimov, kanti u-Ogawa usahlulwe kanye wawina amahlandla angama-25 ngokushaywa ngama-knockouts ayi-18.
Kulindeleke ukuthi uFuzile enze konke okusemandleni uma kubhekwa iNingizimu Afrika edonsa kanzima ngemuva kokuthi uMoruti Mthalane owaziwa ngelikaBaby face ehlulwe isicoco se-IBF flyweight ezinyangeni ezine ezedlule eMelika.
Ngenxa yalokho, iNingizimu Afrika ayinaye umpetha womhlaba othembekile. UFuzile uthwele kanzima emahlombe akhe ukuze anqobe abuyisele iNingizimu Afrika ebalazweni lamazwe ngamazwe.