Ufunwa uthuli umsolwa oweqe enkantolo 

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Umsolwa oyingozi ugcwele amathafa ase-Limpopo ngemuva kokweqa eNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou ngoLwesibili ekuseni ngesikhathi ezovela enkantolo.

Umsolwa uhlonzwe njengoMnuz Pfunzo Ramafamba obhekene namacala okuzama ukubulala nelokuthumba. 

Ukweqa kwakhe kuseyindida njengoba kusolakala ukuthi weqe eqashwe ngeso lokhozi abomthetho.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa ase-Vhembe, uVuledzani Dathi, umsolwa uyingozi kanti amaphoyisa azama ukumthola.

“Namanje asazi ukuthi weqe kanjani kodwa uphenyo lwethu lusaqhubeka kanti kumanje amaphoyisa aphansi phezulu ezama ukuthola ukuthi umsolwa ukuphi,” kusho uDathi. 

UDathi usenxuse umphakathi ukuthi wazise amaphoyisa uma ezithela kumsolwa.

“Siyacela umphakathi ukuthi uphumele obala mayelana nokuthi ukuphi umsolwa usithinte ngokushesha ukuze aphinde aboshwe abuyiselwe esitokisini,” kusho uDathi.

UDathi uphinde waxwayisa umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla uma ubona umsolwa. 

“Abazohlangana nomsolwa akumele babhekane naye ngoba angaba yingozi, kodwa kufanele bathinte amaphoyisa aseduze nabo noma bashayele inombolo yamaphoyisa,” kusho uDathi. 

Ngenyanga edlule, i-Scrolla.Africa ibike ukuthi umsolwa oneminyaka engu-37 ubudala ushonele esibhedlela nakuba eqashwe ngeso lokhozi abomthetho e-Thohoyandou. 

Amaphoyisa ase-Thohoyandou angatholakala ku-079 889 0758. 

Esithombeni ngenhla: UPfunzo Ramafamba oweqe enkantolo kanti ufunwa uthuli amaphoyisa. 

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva