Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Usashaqekile umphakathi wase-Salvokop, e-Tshwane ngemuva kokuthi imoto yomshayeli obegijima ngesivinini yohlobo lwe-BMW sedan ishayisa abantu abebehamba ngezinyawo ngoMgqibelo ntambama kwashona izingane ezintathu.
Umshayeli ubalekile endaweni yesigameko ngemuva kokushayisa abantu abayisishiyagalolunye abebehamba ngezinyawo kanti nemoto yakhe uyishayise esihlahleni.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uPlaymore Choto uthe kungenzeka ukuthi umshayeli ubephuzile. Uthe ngendlela abegijima ngayo bekubonakala ukuthi uzokwenza ingozi.
“Nginenhlanhla ngoba udlulile lapho engidayisa khona, le ndawo ihlala abantu abaningi futhi ngiyasola ukuthi ubegijima ngo-100km/h okuyikho okuholele ekutheni enze ingozi.”
Okhulumela uMnyango Wezimo Eziphuthumayo kuMasipala wase-Tshwane, uCharles Mabaso uthe amantombazane amathathu aneminyaka emihlanu ubudala ahlonzwe ukuthi ashonile abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko.
“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola abantu abaningi abebesakazeke emgaqweni endaweni yesigameko nemoto ngaphansi kwesihlahla ebesiphukile kancane. Umshayeli wemoto yohlobo lwe-sedan akatholakalanga endaweni yengozi,” kusho uMabaso esitatimendeni.
Uthe abesifazane ababili, oyedwa wabo onezinyanga eziyisishiyagalolunye ekhulelwe baphuthunyiswe esibhedlela iSteve Biko njengoba bebelimele kakhulu.
“Ezinye izisulu ezine nazo zithuthelwe esibhedlela zinemihuzuko emincane. Kudedelwe amaphoyisa e-SAPS endaweni yesigameko ukuze aqhubeke nophenyo.”
Isithombe esingenhla: Esemoto eshayise abantu kwashona abathathu abanye balimala e-Salvokop e-Tshwane.
Umthombo wesithombe: @YusufAbramjee