Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Owesilisa wase-Soshanguve uPuleng Phaka usolwa ngokuthumba indodakazi yakhe nezingane ezimbili angazizali ngobusuku obandulela uNcibijane ngenxa yokuthi unina wengane encane wahamba emzini kamsolwa ngemuva kwengxabano.
Kusukela lapho, akekho oseke wabona noma wezwa ngobaba (43) noma izingane – uSiphamandla Mlotshwa (11) uNkosana Mlotshwa (8) kanye noMpho Mlotshwa (7). Izingane ezimbili ezindala akusizo ezakhe ngokwegazi.
Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umama kaMpho, uMbali Mlotshwa (29) uthe waphuma emzini kaPuleng wayoqasha igumbi eliseduze emasontweni amabili ngaphambi kokuthi kwenzeke isigameko ngemuva kokuthi uPuleng amsabisa ngokumbulala ngesikhathi ethukuthele egane unwabu.
“Ngangikholelwa ekutheni uzongibulala ukube angizange ngimehlule ngimvalele endlini ukuze ngithole usizo ezinganeni zakubo,” esho. “Ngobusuku obandulela uNcibijane savumelena ngokuthi sizogubha uNcibijane nezingane sibe nezoso neziqhumane.
“Emini ngamshayela ucingo ngifuna ukuzwa ukuthi ukwazile yini ukuthenga iziqhumane – kodwa wangitshela ukuthi uthenge utshwala ngo-R100 engamnika wona futhi akanandaba neziqhumane.”
UMbali wamtshela ukuthi uzolenza elinye icebo kodwa lokho kwamcasula lona ayethandana naye.
“Wangisola ngokumqambela amanga nokuthi ngifuna inkululeko ukuze ngihlale namasoka ami egumbini elisha engiliqashile. Ube esesabisa ngokuthi ngeke ngiphinde ngizibone izingane zami,” esho.
Lo mama ophelelwe ithemba uthe uma eya endlini kaPuleng eyobheka izingane wangazifica.
“Ngisabela ukuphepha kwezingane zami – uzigcine kuphi futhi ngabe zibhalisile yini esikoleni?” ebuza.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokuthumba wanxusa abantu ukuthi basize ekutholeni ubaba kanye nezingane ezintathu.
“Sike saya kubo kababa e-Limpopo kodwa abakaze bambone noma bezwe okuthile okuvela kuye.”
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File