Ufunwa phansi ohambe engakhokhanga kweyokudlela

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Uweta eshisanyama i-Habanero ubelungiselela usuku olukhulu lokuhola ngesikhathi ikhasimende lakhe lenza isikweletu esikhulu- futhi isimanga asiphelelanga lapho.

Leli khasimende ebelizijabulisa ngendlela emangalisayo livele laphuma endaweni yokudlela esezingeni eliphezulu e-Menlyn, e-Tshwane ngaphandle kokukhokha isikweletu salo esingaphezu kuka-R10,000.

Sengathi lokho akukubi ngokwanele, kusolakala ukuthi abaphathi bendawo bakhokhise uweta lesi sikweletu.

Umzala kaweta unxuse umphakathi ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usize ekutholeni leli khasimende ukuze likwazi ukuzokhokhela isikweletu salo.

“Sicela nisize indawo yokudlela i-Habanero e-Menlyn ekutholeni lesi sigebengu. U-ode iziphuzo ezibiza u-R10,000 wabe esehamba engakhokhile! Uweta obemphakela uvele wasebenzisa yonke imali abeyigcinele ingane yakhe wakhokhela indawo yokudlela,” ebhala.

Lo mbhalo uthukuthelise abaningi ezinkundleni zokuxhumana abagxeke abaphathi bendawo yokudlela ngokukhokhisa uweta.

“Akunabulungiswa ukuthi i-Habanero ithathe imali entombazaneni empofu kulezi zikhathi ezinzima. Akusiyo inkinga yakhe ukuthi ikhasimende lihambe lingakhokhile. Ingabe indawo yokudlela ayinazo yini ezokuphepha? Sonke kufanele sigweme ukuya e-Habanero uma kuwukuthi iphatha abasebenzi bayo ngale ndlela,” kubhala omunye ezinkundleni zokuxhumana.

I-Scrolla.Africa sixhumane nabaphathi bendawo yokudlela kanti owesilisa ozibize ngomphathi uthe banomhlangano noweta nekhasimende.

“Izinsolo ezinkundleni zokuxhumana azilona iqiniso, futhi ngemuva komhlangano wethu sizokhipha isitatimende esisula wonke amahlebezi,” esho.

Esithombeni esingenhla: Isiliphu semali engaphezu kuka-R10,000 engakhokhwanga

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva