Ufundisa izingane ukudansa aphinde azisize kowesikole

Buziwe Nocuze

Isonto lonke i-Scrolla.Africa sibuyekeza izinto ezenziwa abaholi abasha bakuleli emikhakheni yezemidlalo, ezomzabalazo, ezokuzijabulisa nokunye. Kulokhu sibheka owesilisa owasungula iqembu lomdanso ezama ukuvikela izingane emigwaqeni nasezintweni ezimbi.

I-Khayelitsha eKapa ingelinye lamalokishi ayingozi kakhulu e-Western Cape.

Ezinyangeni ezintathu ezedlule leli dolobha belinezibalo eziphezulu zokubulawa kwabantu ukwedlula noma iliphi ilokishi kuleli. Lezi zibalo zikhishwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ngesonto eledlule.

Yilesi sizathu esiholele ekutheni uThandiswa John asungule iqembu lomdanso.

Ngemuva kokulimala kwakhe waphinde walahlekelwa umsebenzi wakhe njengomdansi wanquma ukuvula iqembu lo mdanso ngenkathi esazama ukululama. NgoNcwaba nyakenye usungule iqembu alibiza ngokuthi i-Onitsha. 

Ngemuva kokululama waqhubeka neqembu.

Njengomdansi okhokhelwayo nothisha we-yoga akuzange kube nzima kuye ukufundisa izingane ezingaphezu kuka-20 eziphakathi kweminyaka emihlanu neminyaka engu-16.

Uthe kubalulekile ukubuyisela emphakathini. Udale indawo ephephile entsheni lapho abangakhululeka khona.

“Ngibonile ukuthi ukuthunjwa kwezingane, ukushushumbiswa kwabantu, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ukukhulelwa kwentsha, kanye namaqembu ezigebengu kunomthelela omkhulu emphakathini wakithi ngakho nginqume ukusindisa izingane ngokuzigcina zimatasa,” kusho uThandiswa. 

Ugxile kakhulu emdansweni, kodwa uhlela nokufundisa ukulingisa, ukucula, ukuhaya izinkondlo kanye nokudlala izinsimbi ngoba lawo ngamakhono akhe futhi angathanda ukuwadlulisela ezinganeni.

Ubuye abasize ngomsebenzi wabo wesikole.

“Ngibeluleka ngobungozi bokukhulelwa besebancane nobungozi bokujoyina amaqembu ezigebengu ngoba lokho kungaqeda ikusasa labo.”

Ongumzali uCharlotte Pezisa uyakuthanda okwenziwa nguThandiswa John ngoba izingane zabo zihlala zikhuthele futhi zenza kahle nasesikoleni.

“Ukuba ingxenye yalolu hlelo kusiza kakhulu ngoba kubagcina bengangeni ezintweni ezimbi,” kusho uPezisa.

“Ukudansa kubagcina bematasa esikhundleni sokuba ngaphandle lapho bengathunjwa noma babulawe khona.”

UChile Faleni ongumdansi oneminyaka engu-15 ubudala akazisoli ngokujoyina leli qembu. Kumenza angahambi emigwaqeni aphinde afunde ukuthi ukukhulelwa kwentsha kuzoyithinta kanjani impilo yakhe. Umema ezinye izingane ukuthi zize zizojoyina njengoba zizosizakala ngisho nasemsebenzini wesikole.

Izihloko zakamuva