Ufuna ukuzikhiqizela ugesi umndeni wasebukhosini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amalungu omndeni wasebukhosini ngaphansi kwendlu yeNkosi uMpande ahlela ukuzikhiqizela owabo ugesi ukuze kusizwe imiphakathi yasemakhaya eShowe ehlushwa ukucishwa kukagesi wakwa-Eskom.

Umndeni wasebukhosini uthole ngokusemthethweni umhlaba ongamahektha angu-2.5 million ngaphansi kohlelo lokubuyiselwa komhlaba futhi wathola ukuthi umhlaba wabo unothile kanti unama-minerals okuhlanganisa namalahle nensimbi. Uhlelo lokuqala lokumba lusaqhubeka.

UMntwana uNkosinathi Zulu uthe le mayini angeke iphazamise imiphakathi futhi bahlela ukuzikhiqizela ugesi wabo. 

“Ziyaqhubeka izinhlelo zokukhiqiza owethu ugesi ozonikezwa umphakathi waseShowe nase-Melmoth, sizimisele ngokuthola ilayisensi ezosivumela ukuthi sidayisele ugesi kwezinye izingxenye zesifundazwe,” kusho uNkosinathi.

Uthe izingxoxo nabatshalizimali ziyaqhubeka ukuze kusheshiswe uhlelo lwabo lokuthuthukisa umphakathi. Umndeni wasebukhosini eNtembeni uhlela ukuzakhela ugesi njengoba abanye abalimi base-KZN sebeqalile ukuzakhela amandla abo. 

Kungase kube nezinkinga njengoba u-Eskom esefake eNkantolo imiphakathi ezikhiqizela owawo ugesi, kodwa izingxoxo ziyaqhubeka nabathintekayo.

“Empeleni lokhu kuzobe kuwukuhlonipha umkhulu wethu uPhikankani owabamba elikhulu iqhaza ekusizeni abantu abamnyama bathole indawo yokuhlala nemisebenzi eThekwini ngesikhathi samakoloni,” kusho uNkosinathi.

“Iqhaza lakhe laholela ekutheni ahlonishwe uMkhandlu weTheku, kodwa watshela iziphathimandla zangaleso sikhathi ukuthi esikhundleni sokumhlonipha kumele ziqambe iTheku ngoyise owayenguStheku kaMpande. Yingakho iTheku selibizwa ngeTheku.”

Esithombeni esingenhla: INkosi uMpande kaSenzangakhona nabazukulu bayo abahlela ukuzikhiqizela ugesi

Umthombo wesithombe: Umlando welakuleli ku-inthanethi

Izihloko zakamuva