Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Isigameko sobuqhwaga sishiye umfundi oneminyaka eyisishiyagalombili engasafuni ukuya esikoleni.
Ngenxa yokubukeka kwakhe umfundi webanga lokuqala esikoleni samabanga aphansi eNomsa Maphongwana eKhayelitsha, eKapa ubehlukumezeka njalo okumenze azizwe eyedwa futhi kungekho umuntu ongameseka.
Lo mfundi eligodliwe igama ngenxa yokuvikelwa, ugcine evulele unina isifuba naye owayehlukumezeka ngesikhathi esafunda.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, umama oneminyaka engu-30 uthe abakhubazekile, kodwa abantu bahlezi bebabuka ngenye indlela.
“Ngesikhathi indodakazi yami ingitshela ukuthi akekho ofuna ukuhlala nayo noma ukudlala nayo kuvele kwavuka amanxeba amadala. Kwakunjalo nakimi ngoba ngangibhekene nesimo esifana nesakhe ngisafunda. Akekho owayefuna ukuzihlanganisa nami ngenxa yokubukeka kwami,” kusho unina.
“Nami ngaphelelwa ukuzethemba futhi angikaze ngisho lutho esikoleni. Noma bengizazi izimpendulo, kodwa ngangikhetha ukuthula. Uma kufika ithuba lokuma phambi kwabafundi egumbini lokufundela ngangingayi esikoleni ukuze ngigweme ukuhlekwa izingane esikoleni.”
Unina wengane unethemba lokuthi uMnyango wezeMfundo uzongenelela. “Indodakazi yami ithe uma beqhubeka nokuyihleka izoyeka ukuya esikoleni. Abanye abafundi bahlezi bebuza ukuthi kungani ebukeka ehlukile,” kusho unina.
Umama uthe unethemba lokuthi bazolulekwa ngokomqondo bobabili. “Angikwazi ngisho ukuphakamisa umoya ngendodakazi yami ngoba ngisabuzwa ubuhlungu okwenzeka ngesikhathi ngisesikoleni.”
“Ngisakuthola kunzima ukubheka abantu emehlweni uma ngikhuluma nabo.”
ULindelwa Dlakavu (40), uphakamise ukuthi kufundiswe kaningana ngobungozi bokuhlukumeza.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape, uMillicent Merton uthe bazolusukumela lolu daba ngokushesha uma umzali esebikele uthisha.
Isithombe esingenhla: Umfundi webanga lokuqala ocishe wayeka isikole kulandela izigameko zokuhlukumeza. Abafundi kuthiwa bayamhlukumeza ngenxa yokubukeka kwakhe
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze