Ufuna ukungena kuma-Olympics owine iComrades

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UTete Dijana onqobe i-Comrades Marathon yango-2023 usezimisele ngokungenela iqembu lakuleli lama-Olympics elizodlala imidlalo yase-Paris ngonyaka ozayo.

Lo msubathi oneminyaka engu-35 ubudala ongunobhala eNyuvesi yase-North West e-Mahikeng uthole isamba sika-R1.2 million ngemuva kokunqoba i-Comrades Marathon ilandelana.

UDijana uhlomule u-R500 000 ngokuwina lo mjaho, omunye u-R500,000 ngokushaya isikhathi esingcono kakhulu esingu-5:13:58 kanye nomunye u-R200,000 wokuba ngowokuqala wakuleli ukuqeda entanjeni.

Angase aphuthelwe umdlalo wangonyaka ozayo uma kwenzeka engenela iqembu lama-Olympics njengoba kungenzeka ukuthi umjaho webanga elide usondele kakhulu endaweni yombukiso e-Paris, ehlelelwe ngomhlaka-11 kuNcwaba ngo-2024.

“Ngingathanda ukuya kuma-Olympics,” kusho uDijana kwi-Sunday Comrades breakfast ngeSonto kanti ukusho lokhu ngesikhathi ethola izindondo, imali nemiklomelo.

“Ngisazophumula inyanga yonke futhi ngibone ukuthi iyiphi i-marathon engingayigijima.

“Ngifuna ukubheka i-Cape Town Marathon ngibone ukuthi ngizokwenza kanjani uma ngingafika kuyona.”

Uma kwenzeka uDijana eqhudelana ngonyaka ozayo bese ewina, angaba ngowokuqala selokhu uStephen Muzhingi wase-Zimbabwe anqoba i-marathon eminyakeni emithathu ilandelana (2009-2011).

Osesithombeni esingenhla: UTete Dijana

Umthombo wesithombe: @ArtsSportNwpg

Izihloko zakamuva