Ufuna ubulungiswa umndeni wowesifazane oshone ngemuva kokuhlinzwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umndeni wowesifazane usucele ukuthi kuphenywe uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape. 

U-Andiswa Vulani ongasekho ubekhala ngesisu esibuhlungu waphuthunyiswa esibhedlela e-Livingstone ngomhlaka-22 kuNdasa.

Ngesikhathi efika, lo wesifazane oneminyaka engu-26 ubudala kutholakale ukuthi une-appendicitis wahlinzwa kwase kwavela ukuthi usikwe kakhulu kwi-abdomen.

Umzala wakhe uBulelwa Gqokoma uthe uVulani wayesesibhedlela isikhathi esingangenyanga kanti phakathi naleso sikhathi isilonda sakhe saqala ukonakala.

“Ubekhathazekile futhi efuna izimpendulo kodokotela abelaphayo kodwa akekho oke wamuphendula,” kusho uGqokoma.

UGqokoma uthe umzala wakhe ongasekho wathumela umyalezo oqoshiwe ku-WhatsApp ngesikhathi esesibhedlela, ezwakalisa ukuphatheka kabi ngesimo senxeba lakhe.

Umyalezo oqoshiwe owenziwa uGqokoma, uVulani uzwakala ethi: “Udokotela akazange asho lutho kimi noma angitshele lutho,

“Bengingazi ukuthi ngizokhuluma nobani ngicishe umakhalekhukhwini wami isikhashana ngoba ngicabanga ukuthi ingibangela ingcindezi futhi angibi ngcono.”

Ngemuva kwezinyanga esezinhlungwini kulandela ukuhlinzwa kwakhe ngasekupheleni kukaNdasa, uVulani ushone ngenxa yezinhlungu ngoMgqibelo mhla zizine kuNhlangulana emzini wakhe elokishini lase-Wells Estate.

UVulani wayengumfundi e-Port Elizabeth College futhi ubehlala noyise kanye nomfowabo ngesikhathi edlula emhlabeni.

“Uyise akasebenzi ungumuntu ohola impesheni futhi unqunywe umlenze nobhuti wakhe akasebenzi ngakho-ke,kuzoba nzima ukumngcwaba,” kusho uGqokoma.

“Sidinga ukuba nokuthula kwizinhliziyo zethu yingakho sifuna ukwazi ukuthi kungani kugembulwe ngempilo yakhe.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape, uYonela Dekeda ukuqinisekisile ukuthi ngempela uVulani ubelashwa esibhedlela i-Livingstone.

“UMnyango ungakuqinisekisa ukuthi isiguli okukhulunywa ngaso salethwa esibhedlela i-Livingstone ngoNdasa ngomhlaka-22,” kusho uDekeda.

“Udokotela wacebisa ukuba isiguli silaliswe ngalo lolo suku ukuze kubhekwe isimo saso.”

UDekeda wengeze ngokuthi ngemuva kochungechunge lokuhlolwa olwenziwe ithimba lodokotela, uVulani wagcina edluliselwe esibhedlela se-TB ngomhlaka-13 kuMbasa.

“UMnyango awukho esimeni sokuxoxa ngemininingwane yesimo sakhe ngenxa yokuthi akuvumelekile.”

“UMnyango uzophenya ngezinsolo ezenziwe umndeni.

“Uma sesizitholile sizobhekana nezikhalazo ukuze umndeni uthole ukuthula ezinhlizweni.”

Osesithombeni esingenhla: U-Andiswa Vulani oshone ngenxa yezinhlungu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva