Lubhalwe nguLungi Langa
Umndeni kalowo wesifazane (27) isidumbu sakhe esitholwe ngabalimi epulazini likamoba bephuthuma ukuyobhula umlilo ngoNcwaba uthi unethemba lokuthi umthetho uzokudalula okwenzeka kuye.
Isidumbu sikaNkosikhona Zondo esishisiwe satholwa ngoNcwaba ngabasebenzi basepulazini e-Eston, e-Mid Illovo, ngase-Camperdown.
Isidumbu sakhe satholwa sishisiwe engasabonakali kanti eduze kwakhe kwatholakala izintambo okusolwa ukuthi ezamathayi emoto.
Umfowabo uZakhele Zondo uthe umndeni wakhathazeka ngesikhathi engayilandanga indodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa enkulisa futhi engabuyanga emsebenzini ababecabanga ukuthi uwuthenjiswe isoka lakhe.
UZakhele uthe umndeni ukholelwa ukuthi isoka alifuni ukuphumela obala ngokubulawa kukadadewabo futhi basola ukuthi lazi okungaphezulu kunalokhu elibatshela khona.
“Uthi udadewethu wadlwengulwa wabulawa phambi kwakhe ngabesilisa ayebakweleta. Uthi wayebakweleta u-R3 000 ngenxa yomakhalekhukhwini. Akucaci ukuthi kwenzeke kanjani lokhu futhi konke kuzwakala kunzima ukukukholwa,” kusho uZondo.
Uthe nakuba umndeni usashaqekile futhi ukhululekile ngokubanjwa komsolwa unethemba lokuthi lizovela iqiniso.
Khonamanjalo njengoba umndeni usabhekene nengwadla yokushona kukadadewabo, uthe kumele baqhubeke nempilo bakhele indodakazi yakhe ikhaya elifudumele elinothando.
UZondo uthe kuningi abakuzwayo okuhlanganisa nokuthi uNkosikhona kungenzeka ukuthi ubulawe ngoba ekhulelwe ingane yomsolwa osolwa ngokubulawa kwakhe.
Uthe akaqondi ukuthi kungani umuntu engabulala owesifazane okhulelwe.
“Baningi abantu besifazane abake balaxazwa phambilini. Kungani kwadingeka ukuba kubulawe udadewethu ngalendlela?”
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uwancome kakhulu amaphoyisa ngokuboshwa komsolwa, kodwa usewanxuse ukuthi enze okungaphezulu ukuqinisekisa ukuthi umndeni uthola ubulungiswa baphinde baqinisekise ukuthi umsolwa ngeke adedelwe.
“Isidumbu sihlonzwe wumndeni kuphela ngezicucu zezingubo zakhe ebezibonakala kancane okubalwa izicathulo namasokisi. Okunye abakutholile ukuthi ubekhulelwe,” kusho uKhoza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Richmond ngoLwesithathu ngemuva kokuvela kwakhe okokuqala ngomhlaka-27 ngoMfumfu.
Isithombe esingenhla sikhombisa indawo okutholakale khona isidumbu sikaNkosikhona Zondo sishisiwe.