Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ufuna ubulungiswa umndeni kaSimamkele Tshemese (27) obulawe ngesihluku e-Bloekombos, eKapa.
UTshemese kusolwa ukuthi ubulawe abesifazane abane abebemsola ngokuntshontsha izinto zabo ngeSonto kuNhlolanja ngo-2023.
UNksz Phumzile Fumani oyilungu lomndeni wakwaTshemese ophuthume endaweni yesigameko ngemuva kokufonelwa ilungu lomphakathi, ushaqekile ngesihluku ababulale ngaso uSimamkele.
“Ababulali bakhe bamsike isitho sakhe sangasese, uqhoqhoqho baphinde bamukabha emhlane. Bekungathi babulala isilwane esiyingozi.”
Abasolwa kuthiwa bebesola uTshemese ngokuntshontshwa kwezimpahla zabo ezingekho, kodwa waphika ukuthi akazi lutho ngazo.
Kuthiwa bamhlasele ngebhodlela eliphukile yize bungekho ubufakazi bokuthi uyathinteka ekuntshontsheni.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi abasolwa babone ngemuva kokubulala uTshemese ukuthi bahlasele umuntu okungeyena.
“Amalungu omphakathi ezwe abasolwa bekhuluma ngenkanankana yokubulala umuntu okungeyena,” kusho umndeni.
USimamkele uhlaselwe egcekeni, kodwa abasolwa bathe bebona ukuthi bahlasele umuntu okungeyena bazama ukumvusa ngokumthela ngamanzi.
Kodwa bese kumenele kuthiwa isidumbu sakhe basilahle emgwaqeni. Kukholakala ukuthi abasolwa babonwe obedlula ngendlela.
Ubabekazi kaTshemese, uPhakama Ngqukwana uthi bafuna ubulungiswa.
“Ukubulala umuntu ngaphandle kobufakazi obubambekayo akulungile. Bebengenaso isiqiniseko sokuthi nguyena ontshontshe izimpahla, kodwa baqhubeka nokumbulala njenge silwane.”
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, uSayitsheni Wesley Twigg ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu. Banxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuba eze ngaphambili.
Esithombeni esingenhla: USimamkele Tshemese obulawe ngesihluku abesifazane abane abebemsola ngokuntshontsha izinto zabo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe