Lubhalwe nguTladi Moloi
Ubaba wowesilisa isidumbu sakhe esasetshenziswa ngesikhathi uThabo Bester eqa esitokisini sakhe sasejele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodana yakhe yayingesona isiboshwa futhi yayingakaze iboshelwe ukwenza icala elithile.
Kodwa isidumbu sendodana yakhe satholwa esitokisini sikaBester owalahlwa icala lokubulala ongumdlwenguli.
UBatho Mpholo uthe ufuna izimpendulo eMnyangweni wezoBulungiswa mayelana nokuthi isidumbu sendodana yakhe uKatlego Junior Mpholo (31) sangena kanjani ejele lase-Mangaung e-Bloemfontein.
Ekuqaleni kwakukholakala ukuthi isidumbu esishisiwe esatholakala esitokisini ngesombulali owalahlwa icala uThabo Bester. Kodwa ngemuva kokuhlolwa kolibofuzo kutholakale ukuthi izidumbu esikaKatlego.
UMpholo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usola ukuthi indodana yakhe yathunjwa, yabulawa, yagcinwa ndawana thize kwase kusetshenziswa isidumbu noma kwenziwa enye into eyayihleliwe ngaso.
“Akuwenzi umqondo. Indodana yami ayizange iboshwe,” esho.
“Sinezinhlelo zokuphepha esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo eziqapha yonke into. Kodwa ngenxa yokuthi uhlelo lwethu ligcwale inkohlakalo isidumbu sendodana yami sasetshenziswa ukukhulula isigebengu. Ngidinga ubulungiswa ngendodana yami futhi ngizobulwela.”
Uthe uzobe ese-Bloemfontein kuleli sonto ukuze athole ukuthi basengakwazi yini ukuhlonza isidumbu.
“Ngifuna ukubona ukuthi isidumbu sishe kangakanani nokuthi singakhona yini ukubona ukuthi uyindodana yami yini,” esho.
UMpholo uthe ngoMbasa nyakenye wacela uMonica Matsie ongunina kamufi ukuthi avule icala lomuntu olahlekile ngemuva kokuzabalaza ukuthola indodana yabo.
“Ngaqala ukukhathazeka ngesikhathi ngingamboni ezinkundleni zokuxhumana kwazise ubehlezi enezinto azibhalayo,” esho.
“Ngibone kungcono ukuthi ngishayele umama wakhe ucingo ngibheke ukuthi uKatlego ukuphi. Samubheka kuzo zonke izihlobo zethu kodwa akekho obeseke wambona.”
UMpholo uthe lezi zindaba ezimbi zivele ngoMgqibelo ngesikhathi kuphuma imiphumela yolibofuzo.
“Unina ushayelwe ucingo amaphoyisa amthatha amyisa kwagogo kaKatlego nokuyilapho abafike bamubikela khona lezi zindaba,” esho.
“Kodwa-ke, abakwazanga ukuya emakhazeni ukuyobheka isidumbu ngoba betshelwe ukuthi indawo okugcinwe kuyo isidumbu ivaliwe.
Okhulumela amaphoyisa kazwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukhiphe isitatimende esithi: “Nakuba lezi zindaba zinzima abakwa-SAPS bayakuthokozela ukuletha ukuthula emndenini.