Lubhalwe nguLungi Langa
Umdlalo phakathi kwabafundi besikole e-Chatsworth, KwaZulu-Natal usuholele ekutheni uThishomkhulu avulelwe icala lokushaya.
UThishomkhulu usolwa ngokushaya ngepayipi umfundi oneminyaka engu-13 webanga lesihlanu, e-Welbedacht West ngoLwesine ngesonto eledlule.
Unina womfundi uNksz Nokuthula Mlambo, uthe indodakazi yakhe ijeziswe kanzima esikoleni ngenxa yokuthibebedlala umdlalo ohlanganisa ukubeka isokisi emlonyeni nasekhaleni lomunye umfundi.
UMlambo uthi indodakazi yakhe ishawe nangepayipi.
“Ungitshele ukuthi uThishomkhulu ucele omunye wothisha ukuthi amlande egumbini lokufunda. Wabe esemcela ukuba ambonise indlela abebedlala ngayo nezinye izingane. Umfundi ube esechaza, kodwa uThishomkhulu waqhubeka nokumshaya ngepayipi umzimba wonke.” Umfundi uzamile ukuxolisa kuThishomkhulu, kodwa akumsizanga.
“Umshaye ngisho esemncanga exolisa ethi ngeke aphinde, kodwa waqhubeka nokumshaya futhi usizwe ukubaleka,” kusho unina.
Uthe indodakazi yakhe ilimele ezingalweni kanti nasekhanda ibivuvukele.
“Kuthe uma kubonwa omunye wothisha lokhu, izingane zijeziswe ngendlela efanele ngelanga lesigameko. Ingane yami ibuyile esikoleni yangazisa ngalokhu,” kusho uMlambo.
UMlambo uthe uyile esikoleni eyokhuluma noThishomkhulu ngalolu suku, kodwa wathola ukuthi ubesemhlanganweni.
Nokho ukhathazekile ngokuphepha kwendodakazi yakhe esikoleni uma kwenzeka uThishomkhulu efika njengoba sebebikele amaphoyisa ngodaba.
UMlambo uthe uThishomkhulu akakafiki ngisho kwakhe ezoxolisa. Uthe banethemba lokuthi umthetho uzodlala indima yawo kulolu daba njengoba ethe amalungelo engane anyathelwe ngumuntu abebemethemba ukuthi uzovikela ingane yakhe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthe uMnyango uyazi ngalesi sigameko wathi bazothathelwa izinyathelo ezifanele.
“Umbiko siwucele ngoLwesihlanu kumphathi wesekethe. Sizophinde sithathele uThishomkhulu izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe,” kusho uMahlambi.
Okhulumela amaphoyisa e-KZN uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokushaya kulandela isigameko.
Esithombeni esingenhla: USinamile Mlambo oshawe ngemuva kokudlala nabanye abafundi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe