Ufuna izimpendulo umndeni othole ithuna lengane yabo limbiwe

Celani Sikhakhane

Ngesikhathi amalungu omphakathi etshela umndeni wakwaMlambo ukuthi ithuna lendodakazi yabo limbiwe, bashiye yonke into baphuthuma bayobheka emathuneni.

Okubathusile, amathambo ka-Andile Mlambo abekhishelwe ngaphandle kwethuna.

Ikhanda kanye namathambo esandla, bekungekho.

“Lobu ubuhlungu obungiphula inhliziyo futhi engingakaze ngikubone” kusho uCelani Mlambo.

UCelani, ongumfowabo ka-Andile, utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi udadewabo washona eminyakeni eyishumi edlule eqeda ukuteta.

Uthe manje sebefuna izimpendulo ezizobaholela ekutholeni amathambo kadadewabo alahlekile.

“Sidinga izimpendulo. Okwamanje izangoma zisitshela ukuthi umuntu owenze lento yisihlobo sethu, kodwa asazi ukuth ngubani lowo muntu. Kubuhlungu ngoba sizogcina sesilwa sodwa okungaholela enkingeni enkulu” kusho uCelani.

Ngokusho kukaCelani, amalungu omphakathi atshele umndeni ukuthi ithuna selinezinyanga ezintathu lambiwa – kodwa babesaba ukutshela umndeni.

Umndeni, waseMtuba KwaZulu-Natali usola ukuthi noma ubani othathe amathambo ka-Andile ufuna ukuwasebenzisa ukuze enze umuthi.

Umndeni uyesaba ukuthi lokhu kungabalethela amashwa.

Onolwazi olunzulu ngamasiko aphinde aphathe isikhungo somsamu uSolwazi Velaphi Mkhize uthe kungenzeka ukuba ikhanda lithathiwe kwayothwalwa ngalo.

Ukuthwala kuyingozi, kunamandla futhi kukulethela umcebo wesikhathi eside.

“Zimbili izinto kuleli cala. Kungenzeka ukuba bafuna ukuthwala ngamathambo akhe noma bazowasebenzisa bakhe umuthi ozolwisana nomndeni. Ngokujwayelekile uma ngabe bethatha umhlabathi wasethuneni basuke befuna ukuthakatha umndeni bawuqede, kodwa ukuthatha ikhanda kanye namanye amathambo kunzima kakhulu kusho uMkhize.

Izihloko zakamuva