Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umgibeli owadutshulwa engaphakathi ebhasini le-Intercape elibangise eKapa emasontweni angaphezu kwamabili edlule ucela inkampani yamabhasi ukuba iziphendulele ngalesi sigameko.
Ufuna bamnxephezele ngokulimala kwakhe.
Isisulu esineminyaka engu-42 ubudala esikhethe ukungadalulwa igama ngoba sisaba ukuziphindiselela, sidumele ngokungazikhathazi kwe-Intercape.
“Ngadutshulwa ngalo lelo Sonto, kodwa akekho noyedwa enkampanini oke wazihlupha ngokubheka ukuthi ngiqhuba kanjani.”
“Kuyacaca ukuthi bayaqhubeka nempilo yabo sengathi akwenzekanga lutho ngisezinhlungwini futhi angikwazi nokulala ebusuku.”
Lesi sigameko senzeke ngase-Cradock ngesikhathi ibhasi lihlaselwa lisendleleni elibangise eKapa, okusolwa ubugebengu obuhlobene namatekisi.
Umshayeli ubikele abagibeli ukuthi ibhasi likhandwe ngamatshe, kodwa akazange ame ngoba ubengazi ukuthi abahlaseli bangenzani.
Ngemuva kwemizuzu embalwa, isisulu sezwa ukushisa ethangeni langakwesokunxele ngemuva kwalokho sabona igazi.
“Mina ngingumthwalo wabo ngoba ngidutshulwe ngingaphakathi ebhasini labo. Kungani benza sengathi iphutha lami?
“Lesi sigameko sidale ubuhlungu obukhulu, ithanga lami livuvukele futhi sengisebenzise imali engaphezu kuka-R600 ngithenga imithi.”
Ukhala ngokuthi kudingeke asebenzise imali yakhe ukuthenga imishanguzo njengoba imithi ayinikwa yisibhedlela wayishiya emotweni ezimele eyayihlelwe ngabakwa-Intercape.
“Ngikhohlwe imithi emotweni yabo. Ngesikhathi ngibathinta bangitshela ukuthi angizange ngiyishiye emotweni. Angisona isilima. Ngangena emotweni nemithi yami.”
Isikhulu se-Intercape uJohann Ferreira uphendule izinsolo zesisulu, wathi inkampani yamhambisa ekhaya.
“Ithimba lethu nalo belilokhu lixhumana nomgibeli kanti seliphinde laxhumana nezibhedlela zase-Cradock nase-Worcester ukuze limhlelele incwadi ebhalwe ngemithi yakhe. Akulungile ukuthi i-Intercape ayikaze ixhumane naye kusukela kwenzeke lesi sigameko.”
UWarrant Officer Majola Nkohli uthe uphenyo ngokuhlaselwa kwamabhasi e-Intercape luphethwe ithimba labaseshi bophiko lwe-Provincial Organised Crime Unit.
“Okwamanje akukho okutheni esikwenzayo, kodwa silandela yonke imigudu nophenyo lusaqhubeka,” kusho uNkohli.
Esithombeni esingenhla: Ube nenhlanhla umgibeli webhasi lakwa-Intercape ngemuva kokudutshulwa engaphakathi ebhasini ngabantu abangaziwa. Udutshulwe ethangeni langakwesokunxele
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe