Ufuna isehlukaniso okaDJ Fresh

Sizwe Sibiya

Ngemuva kweminyaka engu-20 beshadile, kubikwa ukuth uThabisoi unkosikazi kaDJ Fresh usefake isehlukaniso.

Lo msakazi owaziwayo, ogama lakhe langempela nguThato Sikwane unkosikazi wakhe ufake amaphepha esehlukaniso emasontweni amahlanu  ngaphambi kohambo lwakhe lomkhumbi lwesi-10- olibizwa ngokuthi “i-Oh Ship” – okumele luqale ngoNdasa.

Izindaba zesehlukaniso zivele emasontweni ambalwa edlule ngemuva kokuthi uDJ Fresh nozakwabo “we-Oh Ship” u-Euphonik basolwa ngokudlwengula owesifazane waseGoli.

Isisulu siveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi wafakwa izidakamizwa futhi wahlukunyezwa yilabo DJ ababili ngo-2011. Wavulela la balisa ababili icala, kamuva elabe selichithwa enkantolo.

Samsung Galaxy 14G

Ngaphandle kwalokhu kuphoxeka, bobabili uDJ Fresh no-Euphonik (ogama lakhe langempela nguThemba Nkosi) umsakazo i-Primedia i-94.7 yanqamula izintontileka zabo.

Ngokuzwa izindaba zesihlukaniso, abezinkundla zokuxhumana bashayele uThabiso ihlombe, bathi bekumele ngabe kade enza lesi senzo.

“Ngijabule kakhulu ukuthi uDJ Fresh nonkosikazi wakhe bayahlukana. Unkosikazi wakhe udinga ukuthula,”  kubhala omunye ku-Twitter.

“Kunzima kakhulu ukuba sebudlelwaneni uma omunye umuntu ehlezi ekhetha ukungawuhloniphi umshado – lo wesifazane wakhuluma engqungqutheleni yentsha esontweni i-Rhema Bible eminyakeni engu-15 edlule futhi ngamthandazela ukuthi awushiye lowo mshado,” ebhala.

Khonamanjalo uDJ Fresh usemgwaqeni uyanandisa. NgoMgqibelo ubenandisa endaweni yobumnandi edumile i-Scrapyard Lifestyle noDJ Caiiro e-Newcastle, KwaZulu-Natali. Ngosuku olulandelayo, ubenandisa e-Balcony e-Randpark Ridge, eGoli.

Umcimbi omkhulu wasolwandle ka-DJ Fresh – “i-Oh Ship” – kulindeleke ukuthi uqale ngomhlaka-11 kuya kumhlaka-14 kuNdasa, kanti uzobandakanya osomahlaya nabanye abaculi ohlwini lwamahora angama-72.

Umthombo wesithombe: Twitter

Scrolla World Cup Quiz