Dylan Bettencourt
Kuthiwa omunye umdlali we-English Premier League uboshelwe ukushaya intombi yakhe.
Kulandela ihlazo likaMason Greenwood, lo mdlali ongadalulwanga igama uboshwe yiziphathimandla zendawo ngemuva kokuthi intombi yakhe ibize amaphoyisa ngemuva kokushaywa.
Kuthiwa lo mdlali okukholakala ukuthi uyisihlabani somhlaba, uthumele intombi yakhe imiyalezo eyinhlamba izikhathi eziningi.
Ezama ukugcina lesi sigameko ukuthi singabonwa umphakathi, lo mdlali uye waqasha ithimba labammeli ukuze bavumelane ngokukhokhelwa kwalo wesifazane. Kubikwa ukuthi le mali ibiyisamba okwavunyelwane ngaso esivumelwaneni esingaphandle kwenkantolo.
“Lokhu kuyaphazamisa kakhulu, ikakhulukazi ngemuva kwezinsolo ezibekwe uGreenwood,” kusho umthombo webhola ocashunwe i-The Sun.
“Kulokhu umdlali webhola usebenzise imali yakhe ukuze athole abammeli abazomlungiselela lesi simo nokuthi singaziwa ngabantu. Ufinyelele esivumelwaneni futhi lokho sekuyithulisile intombazane okukhulunywa ngayo kwamisa nenqubo yenkantolo”.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aye asabela ngesikhathi kubikwa ngodlame lwasekhaya kodwa awazange athathe sinyathelo ngoba “besekunesivumelwano esenziwe”.
Umsunguli womkhankaso we-Football United Against Domestic Violence uTeresa Parker uthe lo mdlali usebenzise amandla akhe ezezimali ukubalekela ukushushiswa.
“Leli cala liyakhombisa ukuthi amandla nemali ebholeni kungasho ukuthi izinsolo zokuhlukunyezwa kwasekhaya – noma ezinye izinhlobo zokuhlukunyezwa kwabesifazane ngabadlali – zithathwa njengezinkinga okufanele ziphathwe,” esho.
Lesi sigameko sigqame ngemuva kwenyanga uMason Greenwood we-Manchester United emiswe yiqembu, ngemuva kokuputshuka kwezithombe eziphazamisayo kanye namafayela alalelwayo akhombisa izenzo zodlame olubhekiswe entombini yakhe.
Lo mdlali oneminyaka engu-20, usededelwe ngebheyili njengoba kusaqhutshekwa nophenyo kodwa mancane amathuba okuthi lo mlisa waseNgilandi aphinde adlalele i-United.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian