Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Emphakathini lapho intsha ibhekana nobunzima khona, uSipho Sibiya usethathe isinyathelo sokufukula abantu abasha ngobuciko bomculo.
Lo wesilisa oneminyaka engu-33 ubudala waseSoshanguve enyakatho yase-Tshwane, ufundisa i-violin, i-viola kanye ne-theory yomculo e-Unisa Music Foundation emalokishini aseTemba, e-Hammanskraal, i-Mamelodi naseSoshanguve.
Ufundisa i-Kamva String Quartet, okuyiqembu lomculo wakudala elakhiwe ngabesilisa abathathu nowesifazane.
USibiya useke waya e-Europe, e-Germany, e-Sweden nase-Botswana ukuyoveza ithalente lakhe kanti usesebenzisa isipiliyoni sakhe ukuthuthukisa abanye.
Umsebenzi wakhe uvezwe kuchungechunge lwemidlalo efana ne-The River ne-The Queen kanye nezikhangiso.
USipho utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhambo lwakhe lomculo we-classic luqale ngo-2004 ngemuva kokuthi umngani wakhe emgqugquzele ukuthi ajoyine isikole somculo esasisanda kuvulwa elokishini langakubo.
“Ngaleso sikhathi i-Unisa Music Foundation yayisiqalile ukufundisa umculo we-classic emalokishini kanti iSoshanguve ingenye yazo.
“Lokhu bekuyinto entsha emalokishini ethu njengoba phambilini izifundo bezifundiswa ezindaweni zabadla izambane likapondo nasezikoleni ezingamamodeli C.”
USibiya uthe ngaleso sikhathi ontanga bakhe babezimatanisa nezinto ezingalungile, babejoyina amaqembu ezigebengu, bedla nezidakamizwa.
“Umculo wawungigcina ngiphilile engqondweni futhi ungigcina ngimatasa njengoba ngangingasafundi futhi ngiyohlale ngilibonga ithuba engalithola.
“Ngasebenzisa wonke amandla ami ekwenzeni izinsimbi zomculo nokwabelana ngamakhono nabafundi abasha. Ngemuva kokuphothula umatikuletsheni nginqume ukuqhubeka nokufunda umculo e-Unisa,” kusho uSibiya.
USibiya ukholelwa ukuthi umculo umfundise ukuziphatha kahle, amakhono okuxhumana nabantu nokugcina isikhathi. Uthe lawa ngamanye amakhono awabelana nabafundi bakhe.
“Kungizwise ubuhlungu ukubona intsha enekhono idla izidakamizwa. Nganquma ukusebenzisa leli khono njengeqhaza lami ekulweni nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa.
“Kungase kubonakale sengathi ngiyahlulwa kule mpi, kodwa ngikholwa ukuthi ukusindisa umuntu oyedwa osemusha ekusebenziseni izidakamizwa kuyimpumelelo enkulu kumina.”
Osesithombeni esingenhla: USipho Sibiya
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe