UFikile Mbalula uletha impi kuZuma

Zukile Majova

Kubukeka sengathi uhlangothi lukaCyril Ramaphosa lwe-ANC seludedele uNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula ukuthi avikele uMengameli ngokulwa nalabo ababemphikisa ezinkundleni zokuxhumana.

Kuleli viki uMnu uFix, njengoba ethanda ukuzibiza kanjalo, uthathe le mpi waqonda ngqo kuJacob Zuma, wathi lowo owayenguMengameli akalufanele udumo aluthola kubalandeli bakhe.

Wabe eseya kuMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, wathi: “UMkhwebane uyisibhamu esiqashiwe hhayi uMvikeli womphakathi”.

UMkhwebane selokhu wavula icala lokwehliswa kwesimilo nokwedelelwa esiteshini samaphoyisa e-Brooklyn.

Ngenkathi abalandeli bakaZuma ku-Twitter bebiza uMbalula “ngomqwayizi wezepolitiki” owazuza ngaphansi kombuso kaZuma futhi manje usekhuluma kabi ngalowo owayenguMengameli.

“Angisiye ‘umqwayizi kwezombusazwe’ ngisho izinto ongazithandi, umehluko omkhulu noMalusi Gigaba. Ngaphandle kokuthi nginamafayela ezinswelaboya hamba uyozilahla le ngikulungele.”

IPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC, uJessie Duarte, uveze ukuthi uMbalula kumele aqondiswe izigwegwe yiqembu elibusayo.

Ngokungabi khona kophiko lwentsha lwe-ANC, amaqembu alwa nokuphathwa kwe-ANC asebenzisa izinkunzi ezinkulu ukulwa nezintshisekelo zawo. 

Lokhu kudlalwa ezinkundleni zokuxhumana.

Ngokujwayelekile amalungu e-ANC Youth League noma i-Women’s League asetshenziswa yilabo abanezifiso zobuMengameli ukwesabisa noma ukuphoxa abaphikisana nabo.

Lezi zinhlaka ze-ANC – kanye naMasosha woMkhonto weSizwe  (i-MKMVA) – bathi bayazimela. Kepha ngokusobala bathatha uhlangothi.

Leli isu elasetshenziswa nguJacob Zuma ngenkathi kufika ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC e-Polokwane ngowezi-2007.

Okuxakayo ukuthi iqembu likaZuma lalisebenzisa i-ANCYL – ngaleso sikhathi eyayiholwa nguFikile Mbalula, futhi kamuva eyayiphethwe nguJulius Malema aphuza naye itiye- ukwesabisa nokuthuka esidlangalaleni osopolitiki abaphezulu ababonakala njengabasekeli besitha sikaZuma, manje owayenguMengameli wezwe uThabo Mbeki.

Okunye futhi okuxakayo ukuthi uZuma uqobo lwake waba yisekela likaMbeki – kanye nowayenguMengameli we-ANCYL ongasekho uPeter Mokaba – phakathi nonyaka wezi-1990.

Sekuphele izinyanga imizamo kaRamaphosa yokuhlanganisa i-ANC nokulwa nenkohlakalo idicilelwe phansi yi-MKMVA, eholwa ngumuntu othembeke kuZuma uCarl Niehaus.

Umthombo wesithombe: @MbalulaFikile

Izihloko zakamuva