UFelix uyawaphika amahlebezi okuthi unenkinga yezezimali

Philani Mzila

Umsakazi wohlelo olungena ekuseni kuGagasi FM ozinze KwaZulu-Natali uFelix Hlophe akasenakhaya ngemuva kwezinsolo zokuthi uxoshwe emzini wakhe abewuqashile e-Pinetown, eThekwini.

Ngokusho kwababili abasondelene noFelix, bathi ubhekene nezinkinga zezimali waze wayocela usizo kumelaphi wendabuko kanye nosomabhizinisi uBhongolwethu Mzozo, owaziwa ngoDkt Khehlelezi.

“Selokhu kwaqala umvalelo akasakwazi ukuphila impilo ewubukhazikhazi athanda ukuyiphila. Izinto azimuhambeli kahle,” kusho umthombo.

Ngokusho komunye umthombo, kuthiwa uvakashele uDkt Khehlelezi eyomncenga ukuthi atshale imali engangezinkulungwane ezingama-R80,000 ebhizinisini lakhe likagologo kodwa akazange avume ukunika uDkt Khehlelezi okhiye bemoto yakhe.

“UKhehlelezi ubefuna imoto ibe ngumshwalense kodwa uFelix akazange amnikeze. Ucele isizumbulu semali futhi akekho ongakhipha leyo mali,” kusho umthombo.

“UFelix kumele ehlise ukuziqhenya abuyele ekhaya.”

UDkt Khehlelezi ukuqinisekisile ukuhlangana noHlophe mayelana nemalimboleko.

“Weza kimi ezocela imali yokukhokhela imfundo yezingane zakhe kodwa inani lemali ayelifuna liphakathi kwethu,” etshela abakwa-Scrolla.Africa.

UFelix ukuphikile ukuthi wacela ukubolekwa imali nokuthi uxoshiwe emzini wakhe, kodwa wathi  ukuhlangana kwakhe noDkt Khehlelezi kwakungokwezamabhizinisi kuphela.

“Ngingawufaka kanjani umndeni wami kwisimo esifana naleso? Nginezakhiwo egameni lami. Ibhizinisi lami likagologo lidinga imali ethe xaxa futhi bengicabanga ukuthi ukusebenza noKhehlelezi bekungumbono omuhle kakhulu,” kusho uFelix.  

“Angiziqhayisi kodwa anginankinga yemali.”

UHlophe uthembise ukuthumela amakhophi amatayitela akhe ezakhiwo zakhe kodwa ngesikhathi sokushicilela abakwa-Scrolla.Africa bebesalindile.

Izihloko zakamuva