Udutshulwe washona obezama ukudubula umzala wakhe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesilisa wase-Springs udutshulwe wabulawa iphoyisa ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuhlwitha isibhamu selinye iphoyisa.

Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ngemuva kokuba umzala kaYoliswa Mqukuse emsole ngokuzama ukumdlwengula.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngemuva kwesigameko, isisulu sithe uMqukuse ubedle kakhulu izidakamizwa futhi ubezama ukumnukubeza ngokocansi. Uzamile ukumncenga ukuthi ayeke lento ayenzaya, kodwa wenqaba futhi ubenolaka olukhulu ngobusuku besigameko.

“Ube esesho ukuthi ngiyintombi yakhe futhi uzonginakekela. Uqhubekile nokufuna ukuzisondeza kumina, kodwa ngikwazile ukuphunyuka  amaphoyisa.”

Ngesikhathi amaphoyisa efika ezama ukubopha uMqukuse, ube eselwa nelinye lamaphoyisa kwagcina ngokuthi uMqukuse athathe isibhamu sephoyisa.

Izinto zaba zimbi kakhulu kuMqukuse (35) ngesikhathi uzakwabo waleli phoyisa emdubula emzimbeni.

UMqukuse uzamile ukugijima ebheke ekhaya, kodwa wagcina equlekile waphefumula okokugcina ngasendlini.

Ngokusho komndeni uMqukuse uqale ukulwa namalungu omndeni wakhe nomakhelwane kusukela efike kule ndawo emasontweni amathathu edlule.

Ukusebenzisa kwakhe izidakamizwa nesimo sakhe sengqondo solaka bekuyimbangela yokuba umfowabo omdala amxoshe emzini wakhe.

“Wangitshela ukuthi umfowabo omdala umxoshile endlini yakhe manje ukhethe ukuzohlala nami,” umzala etshela i-Scrolla. Africa.

“Ngimtshele ukuthi nakuba kuyikhaya lakhe leli, kodwa angikhululekile ukuhlala naye emjondolo onekamelo elilodwa.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Springs, uSayitsheni Themba Tshabalala, uthe babhalisele uphenyo futhi baphenya necala lokushwa kwamalungu e-SAPS.

UTshabalala uphinde waveza ukuthi umsolwa ubegcwele amathafa kanti ubebhekene necala lokudlwengula e-Eastern Cape.

Isithombe esingenhla: UYoliswa Mqukuse

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva