
Dylan Bettencourt
Umdlalo owandulela owamanqamu we-Uefa Champions League phakathi kwe-Manchester City ne-Atletico Madrid ubushubile.
La maqembu womabili abhekane kaningi emilenzeni yomibili kanti ekupheleni komlenze wesibili kuye kwasuka isidumo phakathi kwabadlali nethimba labaqeqeshi.
I-City inqobe ngo 1-0 yazithola isingene kowandulela owamanqamu kulandelana ngemuva kokuhlulwa kowamanqamu ngesizini edlule.
I-Atletico yaziwa ngokuba yiqembu elinolaka, kanti ijatshulelwe ngumqeqeshi wayo uDiego Simeone. Lolo dlame alufikanga kahle kubadlali be-City.
“Abe-Physio basize abadlali abangu-71 phakathi nomdlalo we-Atletico Madrid ibhekene ne-Liverpool kowandulela owamanqamu,” kusho umqeqeshi weqembu uPep Guardiola.
“Impela Isibalo esiphelele singu-71. Udokotela uzile kimi. Akuveli emdlalweni owodwa kodwa kusuka (kwemithathu). Bekungasiye umdlali oyedwa noma ababili kuphela, bekungabadlali abaningi.
Yilokho abangitshele khona. Angizange ngibabuze ukuthi kuyini okujwayelekile nokuthi singakanani isilinganiso, kodwa nginesiqiniseko sokuthi sincane.”
Beshayiwe futhi belimele ngemuva komdlalo, abadlali be-City bebedinga ukunakwa kakhulu ngezokwelashwa ngaphambi komdlalo wabo owandulela owamanqamu we-FA Cup bedlala ne-Liverpool.
Umdlalo obuse-Wembley wenze i-Liverpool yafinyelela kowamanqamu we-FA Cup ngemuva kokuhlula i-City ngo 3-2.
“Besingenaso isikhathi sokuzilolonga, besingenaso isikhathi sokulungiselela owandulela owamanqamu ngokufanele sibhekene ne-Liverpool.
“Besinamatafula okubhucunga umzimba ayisithupha enkundleni sibuka abafana abangazange badlale e-Madrid beziqeqesha,” kwengeza uGuardiola.
Ngokuqondakalayo, uGuardiola wenza izinguquko eziyisikhombisa emdlalweni ngemuva kokungqubuzana kwe-Atletico “ngokwengqondo nangokomzimba.”
Lezo zinguquko zibuye kanzima ku-Manchester ngesikhathi unozinti waseMelika uZack Steffen enza iphutha eliholele ekutheni i-Liverpool ithole igoli lesibili.
Kodwa-ke uGuardiola uye wasivikela isinqumo sakhe sokwenza izinguquko eqenjini lakhe, ikakhulukazi endaweni kanozinti.
“Nginesiqiniseko sokuthi ulale kabi. Angizange ngikhulume naye kodwa nginesiqiniseko sokuthi akazange akhululeke.
“Kodwa ngincamela ukuthi ngosuku olulandela umdlalo uphume uyophuza ngaphandle. Ngincamela ukuthi ulale kabi futhi ukhathazeke ngeqembu,” kusho uGuardiola.
Umthombo wesithombe: @TheTimes