Udumo kwezemidlalo luza nezinkinga

Lucky Sithole

UMuhammad Ali akazange abe umshayisibhakela ngoba ewuthanda lo mdlalo. Wathatha isibhakela njengendlela yokuzivikela. E-Louisville, e-Kentucky ngowe-1954, kwakungeyona indawo elula ukuthi intsha yebala elimnyama ikhulele kuyo.

Ngowe-1964 wahlula uSonny Liston waba ngumpetha womhlaba ku-World Heavyweight kwathi ngesikhathi esezibiza ngo-‘The Greatest’, abathandi bezimidlalo abambalwa bakuphika lokho.

Kodwa indoda eyayizigqaja ngokuthi ayikaze ishaywe futhi inesisho eyayisithanda esithi ( “ ndiza njengovemvane, bese utinyela  njengenyosi”?), yaveza obala ngowe-1984 ukuthi inesifo se-Parkinson. Washona ngowezi-2016, eneminyaka engama-74 ubudala.

Ngabe umhlaba ubuzolazi yini igama likaMuhammed Ali (noma uCassius Clay) ukube akabanga umshayisibhakela? Cishe cha.

Kwi-dokhumenthari yangowezi-2019, i-Chasing the Sun, uRassie Erasmus wakhala izinyembezi ngenkathi exoxa ngomdlali webhola lombhoxo wamaBhokobhoko, uMakazole Mapimpi. U-Erasmus, uthi uyakhumbula ukuthi abadlali  bakhuthazwa ukuthi bafake izithombe ezincane zamalungu omndeni ezinombolweni zamajezi abo, kodwa uMapimpi wayefake izithombe zakhe kuphela.

“Kungani ungafaki izithombe zomndeni wakho?” kubuza u-Erasmus.

“Anginamndeni,” kuphendula uMapimpi.

Lo mdlali wase-Tsholomnqa, e-Eastern Cape wakhuliswa ngugogo wakhe osanda kushona.

U-Eben Etzebeth wakhulela e-Parow, e-Belville engxenyeni yaseKapa. Akuyona indawo elula kakhulu ongakhulela kuyo kune-Louisville, e-Kentucky, njengoba inamuhla nasikhathini esizayo ezoba umphetha webhola lombhoxo wamaBhokobhoko. Kodwa umdlali wamaBhokobhoko ongamamitha amabili  ubude futhi osebenze ngokuzikhandla njengawo wonke umuntu onyakeni wombhoxo onezivunguvungu wezi-2021, unikezwe isikhathi sokuphumula. U-Etzebeth ukhathele.

UPieter-Steph du Toit, uMdlali Wonyaka Webhola Lombhoxo Womhlaba wezi-2019, usanda kuhlinzwa ngenxa yokulimala ehlombe.

Owake waba umdlali we-All Black, uCarl Hayman, wayedlala endaweni ebizwa ngokuthi “indawo enethonya eliphezulu”. Kwake kwakholakala ukuthi ungumdlali webhola lombhoxo okhokhelwa kakhulu emhlabeni. Manje, lo mdlali oneminyaka engama-41, kutholakale ukuthi unesifo sokuwohloka komqondo.

Ukufinyelela esicongweni cishe kunoma yimuphi umsebenzi, kuba nemiphumela emibi.

Ingabe ilobu ubunzima okufanele kudlulwe kubo? Iningi lezingane ezineminyaka eyi-12 ubudala, ezigqoka amabhuzu ebhola lombhoxo noma amagilavu esibhakela, zingavuma zithi yebo!

UMuhammad Ali, ngaphambi kokushona kwakhe wavuma wathi, yebo.

UCarl Hayman akaqinisekile kangako.

Umthombo wesithombe: @GQ

Izihloko zakamuva