Udume kubalandeli njengoba besawuhlaba inhlali eyokubuyela ezinkundleni

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi izigungu ezilawulayo zekhilikithi nebhola lombhoxo zijabule eNingizimu Afrika ngokubuyela kwabalandeli ezinkundleni, abalandeli bebhola bebengakatshelwa ukuthi bazophindela nini ezinkundleni ukuyobukela amaqembu abo edlala.

NgoLwesibili ebusuku uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi izinkundla sezivunyelwe ukubamba u-50% wamandla azo, uma nje abalandeli abazobe behambele imidlalo begonyiwe noma behlolwe batholakala bengathelelekile nge-Covid-19.

I-Cricket South Africa (CSA) ngokushesha imemezele ukuthi bajabule ngesinqumo futhi nangesikhathi se-ODI yesithathu ngoLwesithathu bedlala ne-Bangladesh, bavumele abalandeli abaningi ukuthi bangene enkundleni.

“I-CSA iyakuthokozela ukuthola lezi zindaba ezifike ngesikhathi ikhilikithi yethu yasekhaya ishisa izikhotha kanti i-Bangladesh njengamanje isendleleni yochungechunge lwe-ODI kanye nochungechunge lwemidlalo,” kusho umphathi we-CSA uPholetsi Moseki.

I-South African Rugby Union ilandele lesi simemezelo, ithe izokwenza izinhlelo zokuthi abalandeli babuyele ezinkundleni ngokushesha.

“Lena kube iminyaka emibili enzima emaqenjini ethu, futhi sijabule ukwamukela abantu abaningi ezinkundleni zawo wonke amazinga omdlalo, kusukela kwi-United Rugby Championship, ne-Currie Cup, kuya ezingeni lamakilabhu,” kusho uMengameli we-SA Rugby uMark Alexander.

Ngesikhathi ikhilikithi nebhola lombhoxo bejahe ukuvumela abalandeli ukuthi babuyele ezinkundleni, iziphathimandla zebhola azizange zijabule ngesimemezelo.

I-Premier Soccer League (iPSL) ithe isigungu sayo esiphezulu sizohlangana ngasekuqaleni kwesonto elizayo ukudingida isimemezelo esenziwe nguMengameli uRamaphosa.

“Ikomidi Eliphezulu le-League lizohlangana ngoMsombuluko ngomhlaka-28 kuNdasa ngo-2022 ukuze licubungule ukuthi iMithethonqubo ye-League Covid-19 ilungiswe yini noma kufanele iyekwe kanjalo. Imigomo ekhona isasebenza kuze kube iKomidi Eliphezulu lisho okuhlukile,” kusho i-PSL.

Sekuphele iminyaka emibili abathandi bezemidlalo kuleli bengavunyelwa ukungena ezinkundleni kanti izwe lonke selivunyelwe ukuthi libuyele esimeni esijwayelekile kancane kancane.

Manje abalandeli bekhilikithi nabebhola lombhoxo bazojabula ngokufanelekile. Abalandeli bebhola – bona bazojabula nini?

Umthombo wesithombe: @Kickoff

Izihloko zakamuva