Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, usenikeze iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini izinkomo njengendlela yokucela uxolo ngokuthatha umbhobho (mic) kuNdunankulu wamaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, emcimbini obungoNdasa.
UButhelezi wayesezokwethula iSilo ngesikhathi uDuma ethatha umbhobho kuye.
Lesi sigameko senzeke ngemuva nje kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi kukhunjulwa iSilo uDinuzulu kaCetshwayo KwaNongoma kanti leli hlazo libonakale bukhoma kumabonakude futhi lasusa umsindo phakathi kwe-ANC nomndeni wasebukhosini bakwaZulu.
NgoLwesine uMnuz Duma nethimba lakhe bavakashele iSilo uMisuzulu eNdlunkulu oPhongolo eyozixolisela mathupha.
Unikeze iSilo izinkomo eziningana njengengxenye yokuxolisa kwakhe.
“Ngiyaxolisa kakhulu,” kusho uDuma.
“Ngiza kuwe namuhla ngizoxolisa ngaphandle kwemibandela futhi nginikele ngezinkomo njengophawu lokuzisola ngezenzo zami.”
Uveze nokuthi akafuni ukulimaza ubudlelwano obuqinile phakathi komndeni wakhe nomndeni wasebukhosini, njengoba imindeni yabo ixhumene.
Ukuxolisa kuvele ngemuva komhlangano kaDuma noButhelezi ngoNtulikazi lapho baqala khona ukuxazulula lolu daba.
Ngemuva kwalesi sigameko abaholi bamabandla KwaZulu-Natal bahlangane ne-ANC ukuze kutholwe isixazululo esinokuthula. Kuvele ukungezwani kwamanye amalungu e-ANC ngemuva kwalesi sigameko.
UDuma uphinde watshela iSilo uMisuzulu ngezinhlelo zokwakhiwa kwemigwaqo eziqhubekayo kulesi sifundazwe, okuhlanganisa nomsebenzi wemigwaqo engenela esigodlweni saKwaKhangela Amankengana.
Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu kaZwelithini noSihlalo we-ANC eKZN uSiboniso Duma nethimba lakhe ngesikhathi exolisa.
Umthombo: Sithunyelwe