UDuma uvale amabhasi ezintombi zoMhlanga abeyingozi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kubanjwe amabhasi angu-31 atholakale engekho esimeni sokuba semgwaqeni abeqashelwe ukuhambisa izintombi eMkhosini woMhlanga.

Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma eqhuba umkhankaso ekuseni wokuhlolisisa ukuthi ngabe wonke amabhasi aqashiwe awazukudala yini izingozi kulimale izintombi.

UDuma uthe kulamabhasi angu-177abebewahlola ekuseni namhlanje ngoLwesihlanu, babambe angu-31 abawachithile ekutheni aqhubeke nohambo ngoba abefana namathuna omgwaqo.

“Kusuka ekuseni besimatasa sihlola amatekisi namabhasi aqashelwe ukuhambisa izintombi eMhlangeni ukuthu ngabe asesimeni esikahle yini. Lokhu kuseqhulwini kithi ngoba sikubeke phambili ukuphepha kwezintombi njengoba kuyiwa eMhlangeni. Ngakho lawo mabhasi senze isiqiniseko sokuthi awasahambi,” kusho uDuma. 

Uphinde wamemezela ukuthi bawavalile amaloli ukuba asebenzise imizila ezobe ihamba amabhasi ezintombi ebheke eNyokeni nokuyinto abayenze ngokuxhumana nabezinhlaka ezibhekele abashayeli nezinkampani zamaloli kanye nomasipala abathintekayo kule mizila ehamba amaloli.

Imizila evaliwe ukuba amaloli angayisebenzisi  umgwaqo u-R66 ophakathi kukaNongoma nasoLundi, kube ngu-R618 phakathi kukaNongoma nakwaHlabisa, kube umgwaqo u-R618 ophakathi kukaNongoma ne-Vryheid, kube umgwaqo u-R66 phakathi kukaNongoma nasoPhongola, kube ngu-N2  ohlanganisa isiFundazwe iMpumalanga noPhongolo kuya emngceleni wase-Swatini nase-Mkhuze kuyoshaya koMtubatuba bese kuba umgwaqo oqhamuka ngase-Gingindlovu okungu-R67 obheke Olundi kuyoshaya ku-P234.

Izihloko zakamuva