UDuma uthi uShenge wayezoyijabulela iGNU ngoba wayengafuni i-ANC iphume kuHulumeni 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Usihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uthi uMntwana wakwaPhindangene wayengafisi ukubona i-ANC iphuma emandleni nokuyinto ebizokwenza akweseke ukubambisana okukhona ne-IFP kuHulumeni.

UDuma ukusho lokhu ngesikhathi yena nethimba lesigungu sesifundazwe se-ANC bekwaPhindangene eNkonjeni njengoba bebeyobhonga emswaneni ngokudlula kwendodakazi kaShenge uMntwana uSibuyiselwe Buthelezi.

UMntwana uSibuyiselwe udlule emhlabeni esibhedlela saseKapa ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana.

UDuma uthe ukunyathela kwabo emagcekeni akwaPhindangene kusawukuhamba ezifisweni zikaShenge zokuba kubuyiswane phakathi kwe-ANC ne-IFP.

“Ngikhuluma nje uMengameli uCyril Ramaphosa njengoba bekuhleli umhlangano wesigungu esiphezulu sikazwelonke kuKhongolose usijubile sinoNonobhala uBheki Mtolo ukuba sihole uhlelo lokudala uxolo phakathi kwe-ANC ne-IFP. Lena yinto esizokhumbula ukuthi noMntwana wakwaPhindangene uyikhulume kakhulu waze wadlula emhlabeni. 

“Okunye umndeni wakwaPhindangene usengumndeni kaKhongolose kwazise ngisho uShenge wayehlale ekubeka kucace ukuthi akakaze asule ku-ANC. Kuyimanje sinokusebenzisana okuhle nokunenqubekela ohambili ne-IFP kulo Hulumeni woBumbano kaZwelonke njengoba sonke sinenjongo eyodwa yokuphucula izimpilo zabantu bakithi,” kusho uDuma.

Kwenzeka lokhu nje, ngemuva kweminyaka yokuchitheka kwegazi odlameni lwezombusazwe, kwahlangana abaholi be-ANC ne-IFP kwakhiwa ikomidi elalibizwa ngokuthi i-Four by Four ngenhloso yokudala ukuthula nokuqeda udlame.

Ngaphandle kwalokho uMntwana uSibuyiselwe ubeyiLungu lePhalamende eKapa kusukela ngo-2019 ngemuva kokushiya ekubeni umphathi kaMasipala wasoLundi.

Kuthiwa ushona nje besekusele inyanga kufundwe incwadi yefa likaShenge.

Ushiye emhlabeni indodakazi yakhe enguzinyobulala uMntwana uNtando. Bese kuba izingane zakwabo ezimbili okuyiNkosi uZuzifa noMntwana uPhumzile Buthelezi okuyibo abesesele nabo esiswini sikanina uNdlunkulu u-Irene maMzila noMntwana wakwaPhindangene.

Ezinye izingane zakwabo esezidlulile emhlabeni uMntwna uPhumaphesheya, uMntwana uNelisuzulu noMntwana uMandisa.

Inkonzo yomngcwabo izobaseNkonjeni kwaPhindangene ngoMgqibelo.

Izihloko zakamuva