UDuma uthi kwasekuyisono nge-ANC behlulwa njalo ezinkethweni kodwa babuyile manje

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abaholi bakaKhongolose bathi besekuyisono ngabo behlulwa ezinkethweni kusuka kubhekwe kumhlaka-29 kuNhlaba ngonyaka odlule.

Lokhu kuvezwe uSihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma ngoLwesihlanu ngesikhathi ekhuluma namalunga ombutho e-Richmond.

Umemezele ukuthi bamukele amalungu angu-200 aselaxaze uMkhonto weSizwe Party obekumele amukelwe uMnuz Paul Mashatile kodwa izintatheli zihambe zingakafiki.

“Sishawe kwaze kwaba isono ezinkethweni kodwa akuphelelanga lapho ngoba sesibuyise izigceme ezingaphezulu kwezinhlanu.

UKhongolose ubuye ngamandla. EMgungundlovu sishaye uMkhonto sawubhanqa ne-IFP sithatha isigceme seNkatha,” kusho uDuma.

Uthe sebeqhamuke neqhinga elibasizayo ukuba bangenele izindawo eziseNyakatho neKZN okungezamaKhosi.

Uqhube wathi kulezi zindawo kumele uKhongolose uzwane nabantu futhi uqonde nesikompilo labo.

Uthi kulezi zindawo kumele baseke izingoma ezigidayo nezijabulisa abantu kuphinde kuhlonishwe namakhosi.

UKhongolose kuthiwa wakwazi ukudla ezinye izindawo ze-IFP ngokungenisa ezindaweni zamaKhosi ngesikhathi abaholi ababefana noDkt Zweli Mkhize noDkt Sbu Ndebele babenza isiqiniseko sokuthi bahamba nabaholi be-IFP okwakuyiNkosi uNyanga Ngubane yakwaZashuke nokwakwenza bathandwe ezindaweni zasemakhaya.

UDuma uthe sekumele iphele lento yokuqoka abaholi abangaziwa ezindaweni abahlala kuzo nabavele bathembele ezikhundleni zikaKhongolose ngoba bagcina sebedala umsindo uma sekumele baphume.

Wenze isibonelo ngabaholi abafana nowayenguMengameli kaKhongolose uMnuz Oliver Tambo neNkosi uLangalibalele Dube ngoba babehola izinhlaka ezahlukene okungamasonto nobukhosi.

Izihloko zakamuva