Lubhalwe NguCelani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma usephakamise ukuba kuthathwe imali eqoqwe kubashayeli abebethelela izimoto kube yiyo okulungiswa ngayo imigwaqo eyagugulwa izikhukhula.
Lokhu ukusho esitatimendeni sakhe asikhiphe ngoMgqibelo ngalesi siphakamiso sakhe asenze emhlanganweni obizwa ngele-Cabinet Lekgotla obuseThekwini ngomhlaka-22 kuya ku-23 kuNtulikazi.
Ubekusho lokhu ememezela ukuthi uMnyango wakhe uqoqe imali engu-R2.1 billion kubaninizimoto abebethelela izimoto zabo.
“Le mali ivamise ukuthi uma iqoqwa iyofakwa eMnyangweni kaMgcinimafa esiFundazweni okuba yiwo oyithathayo uyicazele yonke iMinyango. Nokho ngiyaphakamisa ukuthi le mali ayithathwe iyofakwa ezinhlelweni zemigwaqo eyalinyazwa izikhukhula, kuqedelwe nalena osekuphele iminyaka yakhiwa bese kwakhiwa nemigwaqo yasemakhaya ukuze abantu bafinyelele kalula ezindaweni zomnotho,” kusho uDuma.
Ukusho lokhu nje sikhulu isikhalo ngeminye yemigwaqo okuthiwa sekuphele imiyaka edlula kweyishumi ingapheli.
EMzimkhulu kuthiwa uMnyango usuhluleke wancama ukuqeda umgwaqo ongu-26 kilometers nowaqalwa ngo-2009 ngemuva kokuvakashela kowayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki kuleya ndawo nowabalisa kakhulu ngosizi lwakhona.
Omunye umgwaqo okuthiwa kuze kube manje awunamnyakazo u-P16 osuka e-Silutshane eNquthu uyoxhuma e-Kranskop.
Kuthiwa lo mgwaqo oyitiyela waqalwa ngaphezu kweminyaka eyishumi kusenguMnuz Willies Mchunu uNgqongqoshe wezokuThutha.
OThukela kuthiwa uMnyango wachitha imali engu- R400 million enkampanini eyayinezinkinga ngokuyinikeza ithenda yokulungisa imigwaqo yakhona kodwa kuze kube manje akunyakazi lutho.
Le nkampani kuthiwa yagcina isifaka isicelo sokuba itakulwe ngokwezamabhizinisi.
Kuthiwa ngisho imigwaqo eyalinyazwa izikhukhula zango-2008 kungakafiki ngisho ezango-2022 ayikalungiswa.
UDuma uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuthi lesi siphakamiso sisebenze.