UDuma noButhelezi sebethelelene amanzi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sebegcine bethelelene amanzi uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi noSihlalo kaKhongolose uMnuz Siboniso Duma ngemuva kwesigameko esinyakazise uZulu wonkana sokubanga umbhobho kwaCeza.

Lesi sigameko senzeka esikhumbuzweni seSilo uDinuzulu kaCetshwayo lapho uDuma asukuma khona kukhuluma uButhelezi, owayethula iSilo, wamphuca umbhobho engakayiqedi inkulumo yakhe okwakusolwa ukuthi izoshaya uNobhala wesifundazwe we-ANC uMnuz Bheki Mtolo.

NgeSonto  leli esiphuma kulo laba baholi, uDuma noButhelezi, babenomhlangano eThekwini nokuyilapho bethelelane khona amanzi.

Lo mhlangano wabo ubulandela ukubonakala kokuqala kukaDuma noButhelezi beshaya amahlaya ndawonye emcimbini wokufungiswa kukaMnuz Thami Ntuli njengoNdunankulu wesifundazwe muva nje eMgungundlovu.

Ukubonakala kwabo bendwonye kujabulise abaningi abanye ababencokola bethi “hlangana Zulu”.

Okhulumela uDuma okunguMnuz Ndabezinhle Sibiya uthe lo mhlangano ube yimpumelelo.

“Abahlonishwa bayasebenzisana manje futhi kuheleza umoya wokubambisana. Baphokophele ukwakha isizwe nekusasa eliqhakazile ukuze kuhlomule umphakathi kuwo wonke amagumbi KwaZulu-Natal,” kusho uSibiya.

Laba baholi kuyumanje basebuholini bukaHulumeni woBumbano ohlanganisa amaqembu abo okuyi-IFP noKhongolose. 

Baphinde bahlangana ndawonye oLundi lapho abebeyokwethulwa khona eSilweni nguNdunankulu Ntuli njengoNgqongqoshe abasha bekhabhinethi yakhe.

Izihloko zakamuva