UDuma ka Ndlovu, ongumdidiyeli wamafilimu odumile, usenkingeni yomthetho mayelana nezindaba ezithinta imali.
Iziphathimandla zentela zithi ka Ndlovu waqamba amanga ngemali yakhe kanye neyenkampani yakhe, i-Ambrobrite.
Zithi lokhu kudle uhulumeni u-R25-million wentela engakhokhiwe.
Abanye ababili uRodney Mutsharini noMaxwell Mloyi abasolwa ngokuncedisa uKa Ndlovu ukufihla imali.
NgoMsombuluko amaphoyisa azamile ukubopha uka Ndlovu esekhaya, kodwa ubendiza esuka eThekwini elibangise eGoli. Kodwa ugcine ezinikelile emaphoyiseni.
Bobathathu bavele enkantolo ngoLwesibili.
U-Athol Williams udalule ukuthi inkampani iBain wayekhokhela inkampani kaNdlovu u-R3.6-million ngonyaka ukuze ayeluleke.
UWilliams uthole lokhu kuxakile, njengoba amanani aphezulu kangaka ngokuvamile aya kubaphathi abanolwazi kunamaciko.
Amaphepha asenkantolo athi inkampani ka Ndlovu yathola u-R8.4-million enkampanini iBain ngokubonakala ingasebenzi iminyaka eminingi.
Uma etholakala enecala, uka Ndlovu angase akhokhe inhlawulo eshisiwe noma abhadle ejele iminyaka emibili.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: UDuma ka Ndlovu.
Umthombo: X