Lungani Zungu noCelani Sikhakhane
Indodana kaJacob Zuma yokuqala u-Edward ngowezi-2017 wayefisa ukuthola isikhundla sokuba usihlalo we-ANC eNkandla, kodwa Wahluleka.
Kulowonyaka usisi wakhe uThuthukile wabekwa izinsolo zokuntshontsha igatsha lophiko lwentsha lwe-ANC ngenkathi kukhona ukhetho Egoli. Lapho akhethwa khona ukuba ngunobhala ngaphansi kwezimo ezithize.
Manje sekuyindodana kaZuma ethandwayo uDuduzani Zuma ofisa ukuba ngusihlalo waku-ward 11 kwisifunda saseThekwini.
UDuduzani useke wathi ufisa ukuba nguMengameli we-ANC inhlangano endala yenkulululeko eyaqalwa eminyakeni eyi-108 eyedlula.
Abanye eThekwini bafuna ukuthikameza inqubo yakhe ingakaqali.
Oweseka uMengameli uCyril Ramaphosa, uThabani Nyawose obeke iso lakhe naye esikhundleni sesihlalo sesifunda saseThekwini uthi uDuduzani akakufanele ukungenela lesi sikhundla.
Uthi ukuba yilungu kwakhe kungaphansi kweminyaka emibili. Umthethosisekelo we-ANC waseNingizimu Afrika uthi awukwazi ukungenela ukhetho uma ngabe ukuba yilungu kwakho akukaqedi iminyaka emibili kusho uNyawose etshela i-Scrolla.Africa.
UNyawose ubelindeleke ukuba aqhudelane noZandile Gumede oyisithenjwa esikhulu sikazuma kulesi sikhundla sokuba usihlalo wesifunda saseThekwini.
I-ANC ithi uDuduzane kungenzeka angene esikhundleni sikaGumede uma ngabe i-ANC imuvimbela ukube angenele ukhetho ngenxa yamacala asolwa ngawo enkohlakalo nokukhwabanisa abhekene nawo awethenda lezigidi ezingama-430 laseThekwini lokuqoqa udoti. lolu daba lusenkantolo.
Kodwa angazi lutho olwenzekayo kwi-ANC njengamanje kusho uGumede.
Ongenele ukhetho uMusa Nciki uthe uDuduzane angase angakwazi ukungenela ukhetho uma ngabe ukuba yilungu le-ANC kungaphansi kweminyaka emihlanu. Akukacaci kahle ukuthi usebe yilungu leminyaka emingakanani kuleli qembu.
Umthombo uthe uDuduzane unemali kanti amaqabane alambile. Angeke kube nzima kuye ukuthi athole isikhundla.